Umculi we-raggae ugxekwa ngengoma ayikhiphile

Elmon Tshikhudo

Ingoma ethi Hoi Hoi ihlonishwa kakhulu ngokwesiko lama-Venda, futhi ihlatshelelwa ngabesilisa kuphela ngesikhathi besokwa ezikoleni zokusoka.

Manje umculi odumile we-reggae uRas Canly, naye ongumVenda, usekhiphe ingoma yesimanje yale ngoma. Ukwenza izinto zibe zimbi kakhulu, sekusatshalaliswe izithombe zabesifazane kanye nabesilisa abangasokiwe becula futhi bedansela le ngoma emashibhini nasemathaveni.

Le ngoma ithole ukunconywa ngabagxeki nokuhlonishwa ngabalandeli bakaCanly kodwa ibuye yaletha ulaka kubasekeli bezinkolelo zamasiko.

Umholi wendabuko omkhulu, uMntwana uGulukhulu Mathebula, ongusihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu e-Vhembe, uthe le ngoma iyichilo emasikweni abo.

“Cabanga nje abesifazane abangazi lutho nabaphuzile becula le ngoma engcwele,” esho.

“Lo mculi kumele alethwe enkantolo yendabuko bese ehlawuliswa ngokufanele.”

UThovhedzo Mudzusi, ongumlandeli omkhulu kaCanly, uthe le ngoma iheha ikakhulukazi intsha.

“Lokhu kukhombisa ukuthi intsha inekhono kangakanani namuhla. Uhlanganisa wonke umuntu njengoba nabesifazane bekwazi ukudansela lo mculo osekunesikhathi eside ufihliwe,” kusho yena.

UCanly, odabuka e-Tshiombo ngaphandle kwase-Thohoyandou, umile kwelokuthi le ngoma yenziwe ngezinhloso ezinhle.

“Ngike ngaya ezintabeni. Leli yisiko lethu futhi kumele libhalwe njengoba silenza. Amagama engiwaculile awacasuli nakancane ngakho-ke ngiyaxakeka uma abalandeli bethukuthele ngawo,” kusho yena.

“Le ngoma ikhuthaza nabanye abangasokile ukuthi balandele isiko. Futhi le ngoma ibiculwa ezinkundleni zebhola ngaphandle kokukhuzwa. Kuzobe kungafanele ukubukela phansi umnikelo wami,” kusho yena.

Umthombo wevidiyo: Facebook

Izihloko zakamuva