Sizwe Sibiya
Umculi oqhamuka e-Nigeria kodwa ohlala eMelika futhi nongumbhali wezingoma uTiwa Savage, usekhiphe ama-visuals engoma yakhe enesihloko esithi-Somebody’s Son.”
Iyingxenye ye-EP yakhe i-Water and Garri okukhona kuyo nomculi we-R&B uBrandy.
Njengengoma ethi-The Boy Is Mine eculwa uBrandy, okade waqala ukucula kusukela ngonyaka wezi-1993, lo mculi oneminyaka engama-41 ubudala waqala umculo wakhe ngesikhathi engumculi kaMary J Blige kanye noGeoge Michael. Ngemuva kwalapho wakhipha i-album yakhe yokuqala ngonyaka wezi-2013, enesihloko esithi-Once Apon A Time.
UBrandy oneminyaka engama-42 uhlangane noSavage kumculo wevidiyo we-dark-themed, eyaphuma ngemuva kwenyanga kukhishwe ingoma mhla zingama-20 kuNcwaba.
Le ngoma ethi-Somebody’s Son”, laba baculi bacula ngeondodana yekhethelo ezofika izobatakula ibathande ngelinye ilanga.
Emahoreni angama-21 lo mculo wevidiyo usubukwe abantu abayizigidi ezi-1,5 ku-YouTube futhi ngemuva kosuku olulodwa isibukwe abantu abayizigidi ezi-2,3.
Okwamanje uTiwa Savage usabhekene nevidiyo yocansi eyafakwa umlingani wakhe ongaziwa ku-snapchat ngephutha.
Noma yasuswa ngokukhulu ukushesha, kodwa kukhona owayeseyibonile wayigcina kumakhalekhukhwini futhi umsabisa ngokuthi uzoyikhipha – kodwa uthi angeke akhokhe”.
Umthombo wevidiyo- YouTube