Umcibilisholo ohlasele e-Poland akusiwo owase-Russia: Biden

QueenEsther Iroanusi

UMengameli waseMelika uJoe Biden uthe umcibisholo obulale abantu ababili ePoland cishe awuzange uthunyelwe i-Russia.

NgoLwesibili ebusuku, abezindaba bendawo base-Poland babike ukuthi umcibisholo wase-Russia ushaye umngcele we-Poland-Ukraine, kwashona abantu ababili.

Izwe lase-Russia likuphikile ukuthi linesandla kulokhu kuhlasela.

Kodwa imibiko iphakamise ukwesaba emhlabeni wonke ukuthi lolu bekuwuhlobo lwesigameko olungabhebhethekisa  impi ephakathi kwe-Russia ne-Ukraine kakhulu – nokuthi singabona imiphumela esheshayo nelimazayo.

Kodwa-ke, uBiden ukuphikile lokhu watshela izintatheli ngemuva komhlangano ophuthumayo nabaholi be-NATO kanye ne-G7 ngoLwesibili ukuthi “akunakwenzeka, emiqondweni ye-trajectory, ukuthi ibhomu lidutshulwe i-Russia. Kodwa sizobona.”

I-North Atlantic Treaty Organisation (NATO) eyakhiwe ngamazwe aseNtshonalanga – nayo imemezele ukuthi umcibisholo awuzange udutshulwe i-Russia.

Imibiko yendawo iphinde yathi le micibisholo idutshulwe esikhungwini sikagesi sase-Ukraine, kanti lokho kwenze izwe libe sebumnyameni obengeziwe ngesikhathi kucima ugesi engxenyeni enkulu ye-Moldova.

Okhulumela uhulumeni wase-Poland uPiotr Muller ukuqinisekisile ukuthi abantu ababili bashonile kulesi sigameko kanti amasosha ase-Poland azobe eqaphile.

Lokhu “kuhlasela” kuza ngesikhathi esifanayo somhlangano we-G-20 owenzeke e-Indonesia lapho abanye abaholi bomhlaba abagxeke ukuhlasela kwe-Russia e-Ukraine.

Kodwa-ke, uMengameli wase-Poland u-Andrzej Duda uchaze lokhu kuhlasela “njengengozi edabukisayo” – okwenyusa ukwesaba ukuthi izwe lakhe kanye nabalingani balo be-NATO bengase bengene ezingxabanweni ne-Russia.

Uthe imizamo yase-Ukraine yokulwa noxhaxha lwemicibisholo yase-Russia eyikhulu ibe imbangela yokuqhuma – hhayi ukuhlasela izwe lakhe ngqo.

“Asinabo ubufakazi okwamanje bokuthi bekuyibhomu elidutshulwe amasosha ase-Russia,” etshela izintatheli. “Kodwa-ke, kunezinkomba eziningi zokuthi bekuwumcibisholo obusetshenziswa i-anti missile defense yase-Ukraine.”

Unobhala-jikelele we-NATO uJens Stoltenberg uthe ucwaningo lokuqala luphinde lwaphakamisa ukuthi umcibisholo wase-Ukraine yiwo owenze lokhu kuqhuma, kodwa uphenyo olunzulu lusaqhubeka.

Ugcizelele ukuthi akukho okukhombisayo ukuthi i-Russia ibihlose ukuhlasela umfelandawonye we-NATO – okusho ukuthi ukuzibophezela kwe-NATO ekuzivikeleni okuhlangene akubalulekile okwamanje.

Izihloko zakamuva