Umbukiso e-Senekal

Wiseman Makhubela

Isimo besishubile njengoba ebebegqoke okhakhi nabezibomvu bebeqondane ngqo edolobheni elincane lase-Senekal e-Free State ngoLwesihlanu.

Kodwa abaholi bobabili be-Economic Freedom Fighters (EFF) kanye nabalimi abamhlophe bangenelela ukuze amalungu abo ehlise umoya phansi.

Ukungqubuzana phakathi kwalezi zinhlangothi zombili kwenzeke ngesikhathi amadoda amabili, uSekwetje Mahlamba noSekola Matlaletsa, bevele enkantolo ngoLwesihlanu bezofaka isicelo sebheyili.

Bafakwe ezitokisini, icala lahlehliselwa uLwesibili.

Labalisa basolwa ngokubulala umphathi wepulazi oneminyaka engama-21 uBrendin Horner.

Ngesikhathi bevele enkantolo phambilini, abalimi abamhlophe abathukuthele bacekela phansi indlu yenkantolo bashisa neveni yamaphoyisa.

Kulokhu abalimi babedlulwa ulwandle olubomvu njengoba i-EFF ibihamba namalungu aqhamuka ezweni lonke.

Laba balimi baphinde bahlangatshezwa izivimbamgwaqo zamaphoyisa nokuseshwa kwezibhamu, zagcinwa. Kuboshwe oyedwa ngokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni.

Umholi we-EFF uJulius Malema, obekhuluma nesixuku ebesishisa bhe, uthe: “I-EFF ilapha ukuzolwela inguquko.”

Ukungezwani nokho, akuzange kuphume esandleni yize kunezigameko ezimbalwa zokuphonswa kwamatshe phakathi kwamalungu e-EFF nabalimi.

Isakhamuzi sendawo uToeks Henning uthe, beze lapha ngokuthula.

“Abantu bebelindele ukuthi kuzoba nenkinga lapha, kodwa njengabalimi, asizile ukuzodala inkinga, sizele ukukhombisa ukweseka.

“Asizile ukuzolwa noma ukugqekeza izinto. Sikhathele ukubulawa kwabantu emapulazini futhi sifuna nje ukukhombisa ukuthi asibufuni ubugebengu lapha. ”

Bekukhona noNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele noNgqongqoshe wezokuPhepha koMbuso u-Ayanda Dlodlo, kanye nelungu le-Democratic Alliance uHelen Zille obefuna kuphele ukubulawa kwabantu emapulazini.

NgoLwesithathu abantu bazo zonke izinhlanga bahlangane enkundleni yezemidlalo yendawo bezothandazela ukuthula.

Izihloko zakamuva