Umbhuduki wakuleli ubuyela ensimini

Dylan Bettencourt

Ukuzama ukuba ngumpetha uhlangabezana nezinselelo eziningi ezahlukene njengoba sibona umbhukudi waseNingizimu Afrika u-Chad le Clos engaphansi kwengcindezi.

Kodwa-ke ngemuva kokuthola ukwelashwa ule Clos usekulungele ukubuyela emanzini.

Ezinkundleni zokuxhumana bebengakholwa ukuthi umfana wegolide ongumpetha  wasemanzini okwathi eneminyaka engu-21 wahlula uMichael Phelps ukuze awine indondo yegolide kuma-olympics angaba nengcindezi.

Kodwa ngemuva kokushiya ama-olympics e-Tokyo ngonyaka odlule elambatha wezwa lonke udumo lwakhe lwangaphambilini lushabalala kanye nesicoco. 

Umbhukudi oneminyaka engu-30 uthe akasoze aphumela obala ngesigameko esimshiye endaweni emnyama kanje.

“Bekukubi kakhulu kwakungekhona ukuthi bakhulume ngoTatjana ngoba ngangijabule ngaye lokhu kwakumayelana nami. Ekujuleni kwenhliziyo besazi ukuthi ngeke ngiphumelele. Ngesikhathi ngenza amalungiselelo bengibhekene nokucindezeleka kwengqondo abantu bebecabanga ukuthi ngiyadlala,” kusho uLe Clos etshela i-New Frame.

“Angizange ngikholwe ukuthi angingenanga kowamanqamu. 

Ngaphatheka kabi ngacishe ngakhala izinyembezi ngemuva kwalowo mjaho ngezwa sengathi ngiphoxe wonke umuntu ngoba sikusebenzele kanzima lokhu.”

ULe Clos usehlomule izindondo ezine kuma-olympics ngesikhathi edlala kodwa ngemuva kwe-Tokyo wazizwa engathi ngeke aphinde angenele imidlalo. 

“Kunezikhathi lapho ngangizihlalele ekamelweni lami ngikhala ngedwa. 

Ngangingazi ukuthi kungani nginje eqinisweni kwakungeyona eyama-olimpiki inkinga ebengibhekene nayo bekumayelana nekusasa lami,” kusho lo mbhukudi.

“Kwaba sengathi ngiwele kude kakhulu lapho ngikhona mayelana nokuthi ngingumuntu onjani.

Empeleni lempi ibingaphathelene nokubhukuda.”

Kodwa-ke ngemuva kokwelashwa ngempumelelo ule Clos usemkhankasweni wokukhombisa ukubaluleka kwakhe emanzini, uyafunga ukuthi uzowina izindondo kuma-olympics ase-Paris ngonyaka ka-2024.

“Ngiyazi ukuthi ngizobe ngiwina izindondo esikhathini esiyiminyaka emibili. Ngingakuthembisa lokho ngakho-ke angikhathazekile ngekusasa,” kusho u-Le Clos ekhombisa ukuzithemba.

Umthombo wesithombe: @eNCA

Izihloko zakamuva