Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Owayeyiphini le Meya kamasipala weTheku uMnuz Philani PG Mavundla uthi waxoshwa esikhundleni ngoba elwela ukuba kukhokhelwe osonkontileka okumanje basakhala ngezimali zabo kulo mkhandlu.
UMavundla ukusho lokhu ekhuluma kwisigcawu ebesihlelwe isikhungo iXubera Institute for Development and Research eThekwini nalapho bekubhungwa khona ngezinohlonze kuhlanganisa nomasipala neminyango kaHulumeni esagoloza ukukhokhela osonkontileka ikakhulukazi uma bengagwazanga.
UMavundla utshele izihambeli okuhlanganisa noMeya weTheku uMnuz Cyril Xaba ukuthi ibuhlungu lento eyenziwa kosonkontileka ngoba abanye badlelwa imizi,abasakwazi nokondla imindeni yabo ekubeni besuke bewenzile umsebenzi.
“NoNkosi ngikhuluma nawe nje lapha kunosonkontilela uSiyabonga Xulu ongakaze akhokhelwe imali yakhe yokuhlinzeka umkhandlu ngabaqaphi. Lo muntu ukweletwa izizumbulu zemali kodwa akekho noyedwa ezikhulwini zeTheku ozimisele ukumlalela ukuze akhokhelwe. Usezewaya ngisho enkantolo kodwa akudikizi ngisho inqulu kumasipala. Ngabe bangake abanye osonkontileka abasesimeni sikaXulu namhlanje? Ngabe yibo Ubuntu lobu esibenzayo kosomabhizinisi bakithi. Buphi ubuZulu uma kunje?,” kubuza uMavundla.
UMavundla uthi ukulekelela kwakhe osomabhizinisi ukuze kuthuthukiswe ingqalasizinda kwamfakela amazinyo abushelelezi kuKhongolose, bagcina bemhlanganyela namanye amaqembu,bamkhipha esikhundleni.
Udaba lukasomabhizinisi uMnuz Siyabonga Kevin Xulu lubesematheni isikhathi eside ngenkokhelo yakhe ebalelwa ku-R230 million abekhala ngokuthi umasipala weTheku uyagoloza ukuyikhokha yize ekhipha zonke izimfanelo nobufakazi bomsebenzi.
Ngakolunye uhlangothi uMenenja kamasipala weTheku uMnuz Musa Mbhele utshele iNews Avenue Podcast ukuthi abakwazanga ukukhokhela uXulu ngoba wehluleka ukuletha ubufakazi obufanele bomsebenzi.
“Ukube ngamkhokhela ngabe ngisejele namhlanje ngoba naneNkantolo yagcina imchithile ukuthi umkhandlu ubungeke ukwazi ukukhokha imali engaka bungekho ubufakazi,,” kusho uMbhele.
