Sizwe Sibiya
Umkhiqizi womculo aphinde abe ngumculi uMaster KG sekubikwe ukuthi sekuhlukene inhloko nesixhanti njengoba bethathe izindlela ezahlukene ne-Open Mic Production ukuze asayine ngaphansi kwelebuli yakhe yokuqopha ebizwa nge-Wanitwa Mos Entertainment.
UMaster KG owaziwa ngengoma ayikhiqiza ebizwa nge-Jerusalema eyadlalwa kakhulu ngesikhathi kudlange kakhulu i-Covid-19, yayenza abantu bajabule baphinde badanse bakhohlwe usizi ababhekene nalo.
Lo mculi odume esangaphansi kwelebuli lokurikhoda elibizwa ngokuthi i-Open Mic, ubesevele esefuna ukuphuma ngesikhathi esayina amalungelo okuthi ingoma ebizwa nge-Jerusalem eyakhe.
Le projekthi yakhishwa ngaphansi kwelebuli yokurikhoda engaphansi kwe-Warner Music Elektra France ngoNcwaba.
Lo mculi ubeseqalile ukukhuluma kwizinkundla zokuxhumana ngelebuli yakhe yokurikhoda ngemuva kokushiya azimele.
Uthathe isinqumo sokuzimela ngesikhathi evakashele e-Europe ngoMsombuluko ngokusho kwe-City Press.
Ukuphuma kwakhe kwi-Open Mic kuchaza ukuthi ushiye uMakhadzi benoPrince Benza abalethwa nguye kwi-Open Mic.
Lo mculi usazoqhubeka akhiphe izingoma zakhe ngaphansi kwenkampani yakhe ezimele naku-Warner Music.
UMaster KG usememezele ukuthi uzosayina umculi wokuqala u-DJ Ngwazilu.
“Umngani wami aphinde abe ngumculi ozosayina ngaphansi kwenkampani yami ebizwa nge-Wanitwa Mos Entertainment futhi uzokhipha maduze nje” ebhala ku-Twitter.