Umasipala waseKZN unqamule amanzi nogesi ezikoleni ezingu-23

Lubhalwe nguZukile Majova

Izinkulungwane zabafundi ezikoleni ezakhele uMgungundlovu zifunda ezikoleni ezingenawo amanzi nogesi.

Lapho okukhishwe khona izindlu zangasese zomgodi kodwa kwangafakwa ezintsha, abafundi abakwazi nhlobo ukuya esikoleni ngenxa yokuthi azikho izindlu zangasese.

Umasipala uthe izikole zikweleta u-R32-million – ingxenye ka-R7-billion ekweletwa umasipala yimizi, amabhizinisi nezakhiwo zikahulumeni kukonke.

Yize izikole zinesibopho sokukhokhela isikweletu, iMeya yaseMsunduzi uMzimkhulu Thebolla uthe umkhandlu uthathe isinqumo sokuvala izinsiza zikamasipala ezikoleni.

Ezinye zezikole bezingenawo amanzi aphuma emapayipini kodwa bezithola inqwaba yamanzi emathangini afakwe umasipala.

Lezi zikole akuzona izikole ezingama-Model C noma ezizimele kodwa ziyizikole ezingaphansi kuka-Section 21 okusho ukuthi izikole ezingakhokhisi.

Izikole ezinjena kuthiwa ziyizikole ezingakhokhisi emuva kokuba ucwaningo lukahulumeni luqinisekisa ukuthi abazali abasebenzi, bahlwempu noma baphila ngezibonelelo zikahulumeni.

Kodwa uThebolla ugcizelele ukuthi izikole zingakwazi ukukhokha.

“Zonke zithola izibonelelo kanti ingxenye yaleso sibonelelo kufanele isetshenziselwe ukukhokhela izinsiza zikamasipala.”

Umasipala usuvele wanqamula amanzi nogesi komkhulu lesifundazwe loMnyango wezeMfundo.

Imeya itshele i-Newzroom Afrika ukuthi bebeqhuba amabhizinisi amancane afana nezindawo zokuwasha izimoto nelondolo ezingenisa inzuzo ngokusebenzisa amanzi kamasipala kodwa bayahluleka ukukhokha.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eKZN, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe uMasipala weTheku usanda kunqamula amanzi ezikoleni kodwa uMnyango wangenelela wakhokha isikweletu futhi uzokwenza okufanayo naseMgungundlovu.

“Sisebenza ubusuku nemini ukuqinisekisa ukuthi uma kufika isonto elizayo, isimo sizobuyela kwesijwayelekile.”

Esithombeni ngenhla: Kwezinye izimo, izindlu zangasese zomgodi ezindala zidiliziwe kodwa azikho ezintsha ezakhiwe.

Umthombo: Ndivhuwo Mukwevho

Izihloko zakamuva