UMarlen Van Staden uyimeya enenhlanhla eMzansi

Moyahabo Mabeba

Ngesikhathi imiphumela yokuvota ingakwazanga ukwethula imeya kamasipala wase-Modimolle-Mookgophong, kube nokuphoswa kohlamvu lwemali okube isinqumo sokugcina.

Lolu hlelo olungajwayelekile lube yisinyathelo sokugcina ngemuva kokuthi i-DA ne-ANC bethole amavoti ayi-14 umuntu ngamunye.

Kuthe uma uhlamvu lwemali luphonswa emoyeni ngumphathisihlalo, uShepard Mhlanga, igumbi likamasipala lagcwala ukuthula okuvala izindlebe.

I-DA ikhethe i-tail kanti i-ANC yakhetha i-head. 

Kuthe uma uhlamvu lwemali lufika phansi kumata, luvele  lwaqinisekisa uMarlene van Staden we-DA njengemeya ngemuva kokuhlula uSchele Sebolai we-ANC.

Ehefuzela kakhulu, uVan Staden uthe, “Uhlamvu lwemali olusezandleni zikaNkulunkulu lunqume isiphetho sami. Ngizoqhubeka ngokuzithoba ngisebenze njengemeya yomkhandlu wendawo yase-Modimolle-Mookgophong.”

UVan Staden waqala ukuba yimeya yalo mkhandlu omisiwe ngonyaka wezi-2016 kulandela ukunqoba kweqembu lakhe ngemuva kokuhlangana ne-VF+ kanye ne-EFF.

Umhlangano wokuqokwa kwemeya ngoLwesine uqhamuke ngemuva kokuthi kube nezinxushunxushu ezigcine zishubile njengoba amaqembu engafinyelelanga kwisivumelwano.

Ukuhlala komkhandlu wokuqala kwabhidlika ngemuva kokuthi amakhansela e-ANC ehlulekile ukufika, nokwaholela ekutheni umhlangano uhluleke ukuhlanganisa isibalo samalungu afunekayo.

Ukuhlala kwesibili kuhlehliswe ngemuva kokuthi ukuvota kukaSomlomo kugcine kwangqingetshe.

Owesithathu wahlehliswa kulandela ukuphazamiseka kwamakhansela e-ANC aphazamise umhlangano ngemuva kokuvota kukaSomlomo owagcina futhi ungaqhubekanga  okwesibili.

Mhla zingama-29 kuLwezi, umkhandlu ukhethe ikhansela le-ANC, uSinah Langa njengoSomlomo.

Enkulumeni yakhe yokwamukela uVan Staden unxuse ukuthi kube nokuzotha emkhandlwini ngemuva kwezinkinga nezingxabano ababhekane nazo emkhandlwini osunezinxushunxushu.

Uthe, “Sonke singamakhansela futhi akukhathaleki ukuthi siphuma kumaphi amaqembu epolitiki, into esemqoka kithina kube yimiphakathi yethu kanye nokulethwa kwezidingo kubantu. Okokugcina esikudingayo ukuba sesimeni esifanayo naleso esasikusona ngonyaka wezi-2017 kanye nonyaka wezi-2018 lapho sasilwa sodwa singabeki imiphakathi yethu kuqala.”

Ikhansela le-ANC, uMnumzane uRufus Magoro, lithe alineme ngomphumela.

Uthe, “Kube nevoti ebeliyimpikiswano elanikezwa amaqembu aphikisayo kungafanele nokuthi ivoti belizosiqinisekisa ukuthi siyanqoba.”

Izihloko zakamuva