Kamogelo Olaitan
Owesilisa ukhala ngokuthi akakaze ayeke ukusuza kusukela adla i-ham roll futhi lokhu kwaqala ukwenzeka ngoZibandlela ngonyaka ka-2017.
UTyrone Prades oneminyaka engu-46 wase-United Kingdom usemangalele isitolo athenga khona i-roll ngo-R4 million.
Kubikwa ukuthi isimo sibe sibi kangangokuba lo wesilisa akasakwazi ukuzibamba usevele asuze ngisho nasemphakathini.
I-Daily Mail ibika ukuthi ngemuva kwamahora amaningi edle i-roll emakethe e-Birmingham e-England uPrades waphathwa amajaqamba esiswini, umkhuhlane, ukuhlanza kanye nesifo sohudo.
Kusolwa ukuthi lo wesilisa uphethwe i-salmonella isifo esidalwa kakhulu ushevu otholakala ekudleni.
Kusolakala ukuthi namanye amakhasimende adla inyama yenkukhu nawo agula.
Abammeli bakhe batshele iNkantolo ukuthi walala amasonto amahlanu egula ngemuva kokudla i-roll.
Ummeli wakhe uRobert Parkin utshele iNkantolo ukuthi ngesikhathi ukugula kwehla ngemuva kwezinyanga, ukusuza njalo akukaze kwaphela.
“Ummangali usaqhubeka nokuhlushwa ukusuza ngokweqile okumenza ahlazeke kakhulu phambi kwabantu. Izimpawu zalokhu uhlezi ekhathele, ukusuza okuhambisana nokubhodla, ukushintsha kwesisu kanye nokuquleka,” kusho ummeli etshela iNkantolo.
“Ubukhulu bezimpawu buye bashintsha impilo yakhe.”
Ummeli omele isitolo esidayisa i-ham roll uvumile ukuthi izikhulu zezempilo zomkhandlu zithole amagciwane e-E. coli kummese, kodwa ayikho i-salmonella.
Ummeli uphikisa ngokuthi uPrades akazange athi uphethwe i-E. coli nokuthi izinsolo ze-salmonella kumele kube nobufakazi obuzovezwa phambi kweNkantolo.