Menzi Magubane noLinda Ximba
Zolo lokhu, umqeqeshi weSundowns uManqoba Mngqithi umemezele ukuthi ubheke ukuqinisa iqembu lobuchwepheshe ngesizini ezayo ka-2021/22. Kodwa ukuqashwa kukaMandla Ncikazi esuka kuGolden Arrows ukuthi ajoyine iSundowns njengelungu lethimba labaqeqeshi bekungalindelekile.
UNcikazi uholele Abafana Bes’thende emlandweni wokuqeda endaweni yesine emkhankasweni we-DStv Premiership kule sizini.
UNcikazi umemezele ukushiya kwakhe ngoLwesithathu ebusuku.
“Ukushiya okuhle lokhu futhi okugcwele izinkumbulo ezinhle,” esho.
“Isizathu salesi sinqumo sizohlala siyimfihlo. Ngifisela iqembu konke okuhle.”
I-Scrolla.Africa yaziswe ngokuthembekile ukuthi uNcikazi ubesebenza ngaphandle kwenkontileka ku-Arrows. Kuthiwa usihlalo weqembu, uMato Madlala uzinikele kuNcikazi kuphela ngemuva kokungamtholi uSimo Dladla ngenxa yokuzinikela kwakhe kuRichards Bay United. Lokhu kungemuva kokusula kukaSteve Komphela.
Kodwa-ke uNcikazi wenze umsebenzi omuhle kakhulu! Uqhubeke nokuhola ikilabhu laze laqeda endaweni yesine okokuqala kwi-Premiership.
UMngqithi noNcikazi basebenze ndawonye ku-Arrows phambilini futhi yibona abaholela leli qembu ekunqobeni indebe yalo yokuqala ngqa ngowezi-2009 ngesikhathi beshaya i-Ajax Cape Town ngo 6-0 e-Orlando Stadium.
Yize kunemibiko exhumanisa uNcikazi nokujoyina i-Orlando Pirates, i-Scrolla.Africa sizwile ngomthombo waso othembekile ukuthi kungenzeka aphinde ajoyine noMngqithi kuMasandawana.
Umthombo wesithombe: @goldenarrows