UMamaLucy usethole iziqu zedegree yokufundisa emvakweminyaka engama-27

Elmon Tshikhudo

UMatodzi Lucy Nekhubvi uzothola iziqu zakhe zokuba nguthisha ngoMandulo – iziqu ezimthathe iminyaka engama-27 ukuzithola. 

Ngenxa yokungabi nayo imali nokufeyila izifundo zakhe uMamalucy oneminyaka engama-52, njengoba aziwa enyuvesi yase-Venda akakaze afinyelele ekutholeni iziqu zakhe ze-Degree.

Uhambo lwakhe lwamabanga aphezulu lwaqala ngowezi-1994 ngenkathi ebhalisa ukwenza I-BA Education Degree e-Univen.

Kodwa lo mama onezingane ezinhlanu uhambo lwakhe lalinezingqinamba.

Wakhulela ekhaya elidla ibhuya ngothi ekhuliswa ngumama wakhe ngemuva kokuba ubaba wakhe wabulawa ngowezi-1975, waqeda umatikuletsheni ngowezi-1991 ngemali ayeyithola ngokwenza noma imiphi imisebenzi wakwazi nokubhalisa ngayo enyuvesi.

Wafeyila izifundo zakhe wayeka ngowezi-1997. Lokho akumenzanga walahla ithemba njengoba wayenza imisebenzi emincane wakwazi ukuthola umsebenzi wokuqoqa, ukuba ngunogada waphinde wathola isitifiketi sekhompuyutha e-Univen.

Wabuyela eNyuvesi ngowezi-2013, kodwa akazange aphase wayeka.

Wabuyela eNyuvesi ngowezi-2017 kulokhu inhlanhla yakhe yashintsha.

Wasebenzisa imali ayibekele izingane zakhe ayithola kwisondlo saHulumeni.

Ngangithola o-Distinctions ngakwazi ukuthola uxhaso ku-Nsfas owakhokhela izifundo zami ngaze ngaqeda i-degree yami kusho uMamalucy.

Uphase izivivinyo zakhe ngesonto elidlule wakwazi ukuba nguthisha ngokusemthethweni.

Ngiyajabula ukuthi ngikwazile ukufeza amaphupho ami njengoba kube yibanga elide elinezingqinamba, kodwa belubalekile. Ngiselelwe iminyaka emincane ukuthi ngisebenze kodwa angizisoli kungcono ukuqeda kamuva kunokuthi ungafiki la oyakhona kusho uMamaLucy.

UmamaLucy usesebenze kwisikhundla sokuba unobhala wakwa-Housing department yabafundi kusukela ngowezi-2019.

Izihloko zakamuva