Umama ukhulelwe amawele ashiyana ngamaviki amathathu

Mkhuseli Sizani

“Amawele” asanda kuzalwa ezithandani zase-UK uRebecca Roberts noRhys Weaver empeleni ahlale ngokwehlukana esiswini sikamama wawo ngamasonto amathathu.

Lesi sehlakalo esingajwayelekile saziwa ngokuthi yi-superfetation, futhi siqoshwe izikhathi ezimbalwa.

NgoNdasa ngonyaka odlule, lezi zithandani zajabula ukuthola ukuthi uRebecca wayekhulelwe.

Kodwa-ke, ngenkathi uRebecca eya kwadokotela  enamasonto ayi-12, wethuka lapho ethola ukuthi wayethwele izingane ezimbili, hhayi eyodwa kuphela.

Wamangala nakakhulu lapho etshelwa ukuthi elinye iwele lalisezingeni eliphakeme kakhulu lokukhula kunelinye.

Ngenxa yokuthi i-superfetation akujwayelekile ukuba yenzeke, odokotela bakaRebecca abazange bakubone ngokushesha ngakho baqhuba uchungechunge locwaningo ukuthola ukuthi kungani iwele elilodwa lilincane kakhulu kunelinye.

Kepha alikho iwele elikhombise noma yiluphi uphawu lokuba nenkinga yokukhula. Ekugcineni, kwalethwa odokotela bangamawele abangochwepheshe, futhi baphetha ngokuthi lezi zingane ezimbili zakhulelwa ngezinsuku ezingafani.

Imvamisa ukukhulelwa kucindezela i-ovulation, yingakho amacala e-superfetation engavamile kakhulu.

Amawele kaRebecca noRhys akhula aba umfana ophilile, kanye nentombazane enamasonto amathathu ngobuncane kodwa nokho iphilile.

Baxwayisiwe, nokho, ukuthi ukubelethwa kwezingane kuzokwethula inkinga entsha: lapho umfana esekulungele ukubelethwa, intombazane isazoba sesigabeni esingafanele ukuba izalwe.

La mawele azalwa ngomhla ziyi-17 kuMandulo ngonyaka odlule, umfana eshaya u-2,09kg esikalini nentombazane eshaya u-1,10kg esikalini, ebeqhelelene ngemizuzu emithathu, nokudale isiphepho ezinkundleni zokuxhumana.

Ingane yomfana, uNoah, ichithe izinsuku ezingama-24 e-NICU, kanti intombazanyana, uRosalie, yahlala esibhedlela izinsuku ezingama-95.

URosalie wayemncane ngokungajwayelekile ezinsukwini  ezimbalwa zakhe zokuqala.

“Amanabukeni amancane kakhulu abemkhulu ngokuhlekisayo kuyena futhi nomzimba abenaso ubungadluli ingxenye ephezulu yesithupha sakho,” kusho umama wakhe.

Ngemuva kwezinyanga ezine, uNoah noRosalie bakhule baba amawele anempilo.

Umthombo wesithombe: Instagram @ roberts.supertwins

Izihloko zakamuva