UMalema usabisa ngokukhipha enye ividiyo

Celani Sikhakhane

Umholi we-EFF uJulius Malema umemezele ukuthi kunenye ividiyo  kaMengameli uCyril Ramaphosa ebala imali endizeni.

Ekhuluma emcimbini wokugubha uSuku lweNtsha lwangomhlaka-16 kuNhlangulana e-Vhembe, uMalema uthe uRamaphosa wathwetshulwa ebala imali endizeni sengathi usetekisini.

“Kunevidiyo ezoputshuka. Uma ekhuluma kakhulu izokhishwa. Babengaphakathi endizeni bebala imali engamadola. Bebefana nezigebengu zibala imali . Siba kanjani noMengameli obala imali sengathi userenki yamatekisi,” kusho uMalema.

UMalema uthe ngeke bamnike isikhala sokuphefumula uRamaphosa.

“URamaphosa kumele azi ukuthi iPhalamende akulona elezigebengu, iPhalamende ngelamalungu ahloniphekile,” esho.

Ngasekuqaleni kwale nyanga, lowo owayengumphathi wezinhloli u-Arthur Fraser, uvulele uRamaphosa icala lobugebengu, emsola ngokuthumba nokugwazisa.

Usola ukuthi ngemuva kokuthi izigebengu ezimbili zizame ukweba u-$4 million (u-R61.4 million) endaweni ahlala kuyo e-Phala Phala, e-Limpopo, onogada bakaRamaphosa babopha lezi zigebengu ngokungemthetho base bezikhokhela imali ukuthi zithule.

URamaphosa uvumile ukuthi kwagqekezwa endaweni yakhe kodwa waphika ukuthi kukhona okungalungile okwenziwa.

Ngesonto eledlule, i-EFF ikhiphe ividiyo yezinsolo zokugqekeza.

Omunye wabasolwa abane u-Erik Shikongo, usanda kutshela i-Sunday Times ukuthi akahlangene nokugqekezwa kwepulazi i-Phala Phala.

Lo mlisa odabuka e-Namibia uthi zonke lezi zimpahla anazo wazithenga ngemali engu-R2 million ayithola ngokushushumbisa igolide nezibhamu.

Kuleli sonto uFraser uhlangane noKlebe ukuze abanikeze eminye imininingwane mayelana nokugqekezwa.

Izihloko zakamuva