UMagashule ukhwele wadilika kumalungu ePhalamende e-ANC asekela uRamaphosa

Lungani Zungu

Leli bekuyiviki lapho i-ANC ephalamende ihlanganyele noMengameli uCyril Ramaphosa.

NgoLwesibili iningi lamalungu ePhalamende likazwelonke lenze lo mbiko wokuthi kuphenywe ngokufaneleka uMvikeli woMphakathi u-Advocate Busisiwe Mkhwebane.

Kodwa bekunganele ukuthulisa uNobhala-Jikelele we-ANC osenkingeni u-Ace Magashule, ophethe iqembu eliphikisayo kule nhlangano.

UMagashule weqa wayovikela uMkhwebane. Ekhuluma kwi-Gagasi FM ezinze eThekwini ukhwele wadilika kumalungu ePhalamende avotele ukuhambisana nalolu phenyo.

Udaba oluphikisanayo lokuthi uzokwenzenjani noMkhwebane luhlukanise izikhulu eziphezulu ze-ANC.

USihlalo kazwelonke we-ANC uGwede Mantashe utshele amalungu ePhalamende aleli qembu ukuthi avote avumele uphenyo.

Kumalungu ePhalamende e-ANC angama-230, angama-62 awayanga ukuyovota ngoLwesibili ePhalamende Likazwelonke.

Kodwa i-DA namanye amalungu ePhalamende e-ANC babenamavoti angaphezu kwalawo ayedingeka ukuze kusungulwe uphenyo lwasePhalamende.

Uma esuswa ngaphambi kokuphela kwethemu ngowezi-2023, uMkhwebane uzoba ngumvikeli womphakathi wokuqala ukungaliqedi ihlandla leminyaka eyisikhombisa.

NgoLwesithathu, uMkhwebane uthe ujeziselwa ukwenza umsebenzi wakhe.

Ngaphandle kokudalula amagama, uthe: “Ngishushiswa yisigungu esiphezulu, abanye kwezobulungiswa nasiShayamthetho abafunga ukuthi bazovikela uMthethosisekelo”.

Kwenzeka lokhu nje, i-EFF kaJulius Malema, eyake yasola uMkhwebane ngokuba yisitokofela sabakwaGupta, yavotela isiphakamiso esasilethwe yi-DA.

I-African Transformation Movement, i-UDM kanye ne-Al Jama-ah nabo bavote baphikisana nalolu phenyo.

Isigungu esizimele sokubuyekeza esasungulwa nguSomlomo Kazwelonke uThandi Modise nyakenye, sathola ukuthi kunobufakazi bokuthi uMkhwebane akazange asebenze kahle.

Izihloko zakamuva