ULythe Pillay uhlose ukuthola indondo kuma-Olympic

Isihlabani esisakhula uLythe Pillay uzodlala indima ebalulekile eqenjini labesilisa le-4x400m relay futhi unethemba lokuwina indondo kuma-Olympics ase-Paris.

UPillay, owayengumpetha womhlaba kwabancane uwine isicoco sakhe sokuqala sikazwelonke ngenyanga edlule eMgungundlovu, eqopha imizuzwana engu-44.31.

Lokhu kudlala kumtholele indawo eqenjini lesizwe lama-Olympic, ejoyina uWayde van Niekerk ophethe irekhodi lomhlaba kanye noZakithi Nene owayengumpetha kazwelonke.

“Izinto zenzeke ngokushesha, futhi ngibusisekile ngibonga kakhulu ngokuba lapha engikhona manje,” kusho uPillay, kubika iCitizen.

“Ngijabule ngoba izinto zibukeka zisihambela kahle njengamanje, futhi sinomfutho omkhulu wokudlulela kuma-Olympics. Kumele nje ngiziphathe kahle kuze kube ileso sikhathi.”

Yize ebekwe endaweni yesihlanu emhlabeni kulo nyaka ebangeni lika-400m, uPillay ukholelwa ukuthi inselelo yokuba kwi-podium kule midlalo kungase kube inselele ende.

“Ngibona sengathi isikhathi sokuwina (kuma-Olympics) kuzoba ngu-sub-44, futhi ngicabanga ukuthi kusekude ukulindela lokho kimina kulo nyaka,” kusho yena.

“Uma ngingenza umzimba wami ube sesimweni esifanayo naleso ebesikuso kuma-SA Champs ama-Olympics, kungenzeka noma yini.”

Okubaluleke kakhulu, uPillay uzodlala indima ebalulekile eqenjini labesilisa le-4x400m relay, elithathwa njengelinamandla yokuthola indondo ngemva kokuwina isiliva emqhudelwaneni weWorld Relays e-Bahamas ekuqaleni kwale nyanga.

“Kuyangithokozisa ukugijimela izwe lami” kusho yena.

“Umfutho weqembu kuma-relay wengeza izinga elengeziwe lesasasa kukho konke.”

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Osesithombeni esingenhla: uLythe Pillay.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva