ULongwe Twala uboshelwe ukweba 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

ULongwe Twala uboshiwe wagqunywa esiteshini samaphoyisa e-Douglasdale ngase-Fourways eGoli.

ULongwe uboshwe nomfowabo uSello. 

Imithombo itshele i-Scrolla.Africa ukuthi laba bobabili bazovela eNkantolo yeMantshi yase-Randburg ngoLwesibili.

Uyise wezelamani, ongumdidiyeli wezomculo odumile uChicco Sello Twala, uvule icala esiteshini samaphoyisa. Amaphoyisa abophe lezi zelamani ngoMsombuluko ngokugqekeza estudiyo sikayise ngesikhathi bedle izidakamizwa bantshontsha nezimpahla zezinkulungwane zamarandi.

Eziphendulela, uChicco uthe ngeke ahlale abukele imlutha yezidakamizwa iqhubeka imntshontshela futhi athule.

“Yebo ngingakuqinisekisa ukuthi ngesikhathi ngiseMelika indodana yami uLongwe nomfowabo uSello Twala bahlangane bantshontsha impahla yami yasestudiyo.

“ULongwe, engamxosha kudala ngenxa yezidakamizwa, weqe izindonga wagqekeza estudiyo sami wantshontsha impahla yami.”

Uqhube wathi: “Ngike ngabona abafana noHope Zinde ongasekho kanye nabazali abaningi bebulawa izingane zabo ngenxa yalezi zidakamizwa.

“Benza lokhu abakwenzayo ngoba nakhu bayizingane zami futhi nginguyise wabo. Noma bengayosha esihogweni anginandaba.

“Yena nomfowabo omncane kade babengintshontshela – yingakho ngibone ukuthi sekwanele. Mababolele ejele.”

Osesithombeni ngenhla: Longwe Twala.

Izihloko zakamuva