Ulahlekelwe isoka nekhaya ngesibhicongo sase-Soweto

Sibonelo Zwane

NgoMgqibelo uNcumisa Nhloko (28), ubengowesifazane osemathandweni, onekusasa eliqhakazile nomlisa abethandana naye.

Indawo yokucima ukoma iMdlalose ishintshe impilo yakhe unomphela. Namuhla, akanaye umaqondana nekhaya.

Isoka likaNhloko uMenzi Nzimande ungomunye wabadutshulwe babulawa endaweni yokucima ukoma e-Soweto ngoMgqibelo ebusuku.

Engxoxweni ekhethekile abe nayo ne-Scrolla.Africa ngoMsombuluko, uthe ngemuva nje kosuku kushone isoka umndeni walo uvele wamxosha.

UNhloko, ongowokudabuka Ebhayi e-Eastern Cape, ubehlala emjondolo osesigcemeni saseNomzamo noNzimande. Lona bekuwukuphela kwekhaya lakhe eGoli.

“Ngesikhathi bengixosha akukho ebengingakwenza ngaphandle kokuthi ngiyocela indawo yokuhlala kumzala wami ukuze ngizokwazi ukuzilela isoka lami. Bengingenamuntu noma indawo ebengingaya kuyo,” kusho uNhloko ekhala.

UNhloko osinde esigamekweni sokudutshulwa kwabantu abaningi, uchaze ubudlelwano bakhe noNzimande njengobebunothando.

“Sobabili besingasebenzi ngakho besichitha isikhathi esiningi ndawonye futhi singabangani abakhulu.

“Ubeqinisekisa ukuthi asilali singadlile futhi nabafowabo bebesisiza. Besithandana kakhulu futhi sihlezi sinakekelelana.

“Ngizomkhumbula.”

Uthe namanje usazama ukuqonda akubone ngoMgqibelo ngesikhathi izinkabi zigasela ethaveni eMdlalose.

“Bese kuphele ihora nje kuphela sifike ethaveni ngesikhathi kushintsha isimo.

“Besiphuma emjondolo yethu sifuna ukuyophuza ngesikhathi sibuka ibhola lombhoxo,” kusho uNhloko.

Uthe ubehlezi eduze kwesoka lakhe bebambene ngezandla futhi bephuza ingilazi ye-Savannah cider ngesikhathi bezwa umsindo wokuqhuma kwesibhamu esikhulu. Iqulu lamadoda ligasele endaweni yokucima ukoma laqala ukudubula wonke umuntu obengaphakathi.

“Umqondo wami ngaleso sikhathi uvele wangitshela ukuthi ngigaqe ngamadolo ngicashe ngemuva kwetafula futhi ngesikhathi ngilapho ngikubone konke obekwenzeka. Ngibuke isidumbu sesoka lami sigcwele izinhlamvu ngakhalela phansi,” esho.

Ngesikhathi izinkabi ziphuma, ukhase ngamadolo eyobheka ukuthi uNzimande usaphila yini.

“Ngesikhathi ngizama ukuphakamisa ikhanda lakhe, uvele waphefumula okokugcina wase evala amehlo.

“Bese kuwukuphefumula kwakhe kokugcina,” esho.

“Angilahlekelwanga isoka lami kuphela ngalobo busuku. Umngani wami omkhulu udutshulwe ebeleni kanti ukube bekungelona lelo tafula nomusa kaNkulunkulu, ngabe nami ngishonile.”

Uthe engathokozela noma yiluphi usizo lokwelulekwa ngokwengqondo ngoba akakhoni ukulala ebusuku futhi uyaqhaqhazela.

Izihloko zakamuva