Ukwehliswa kwesabelomali nguMengameli kuthinta abafundi abampofu kakhulu e-Gauteng

Lubhalwe nguZukile Majova

Abafundi basezikoleni ezihlwempu kakhulu e-Gauteng bazoshayeka kakhulu njengoba uhulumeni wesifundazwe ehlela ukunciphisa uxhaso lwezinhlelo zokuthuthwa kwabafundi kanye nezokuthi bathola ukudla ezikoleni.

Lesi sinyathelo sihlose ukuvimbela ukulahleka kwemisebenzi yothisha engu-3,400 phakathi nokwehliswa kwesabelomali sikazwelonke.

Lokhu kwehliswa kuyingxenye yezindlela zokonga kaHulumeni kaMengameli uCyril Ramaphosa, osekunciphise ukuxhaswa kwezimali emikhakheni ebalulekile efana nezemfundo, amaphoyisa kanye nokunakekelwa kwezempilo, kodwa osopolitiki besaqhubeka nokunyuselwa amaholo.

UMphathiswa wezeMfundo e-Gauteng, uMatome Chiloane, uthe isifundazwe sibhekene nokwehliswa kwesabelomali sika-R4.5 billion.

Ngenxa yokuthutheleka kwabafundi abasha abangaphezu kuka-35 000 njalo ngonyaka, isifundazwe sidinga othisha abaningi, izikole nezinsiza, okwenza kube nzima ukuphatha isabelomali.

Ukuze kugwenywe ukuxoshwa kothisha, umnyango uzonciphisa ukusetshenziswa kwemali ekuthuthweni kwabafundi nasezinhlelweni zokuphakela izingane ezikoleni, obekuwusizo olukhulu kubabafundi abaningi abaphuma emindenini ehlwempu.

Ucwaningo lukahulumeni luveza ukuthi kwabanye balaba bafundi ukudla abakuthola esikoleni yikho kuphela okuya esiswini osukwini.

Uhlelo lokuthathwa kwabafundi e-Gauteng luvamise ukuyisa abafundi ezikoleni ezingaphandle kwezindawo abahlala kuzo, okudinga ukuthi bathembele kwezokuthutha ezixhaswe nguhulumeni.

Uma kunqanyulwa imali yokuthuthwa kwabafundi abaphuma emindenini ehola kancane, bazosala bedonsa kanzima njengoba abazali bengakwazi ukukhokhela izindleko zokubayisa esikoleni.

Osesithombeni ngenhla: UMengameli uCyril Ramaphosa.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva