Ukwebela abampofu: ukuvalwa kwebhange lesigodi kushiya abatshalizimali beswele

Moyahabo Mabeba

Ngowezi-2001, owesifazane wase-Limpopo wavula ibhange lase-Ga-Mathabatha Village ukuze athuthukise abesifazane basemakhaya, kodwa lavala iminyango yalo ngoZibandlela ngowezi-2020. Ngenxa yalokho, amaqembu amaningi omfelandawonye nezitokofela alahlekelwa isamba semali engaphezu kwezigidi ezi-R4.

“Ngangihamba phambili ekusungulweni kwaleli bhange lesigodi ngoba ngangifuna ukuqeda ubumpofu emphakathini lapho ukwesweleka kwemisebenzi nokuhlupheka kuvame khona,” kusho u-Agnes Qwabe, owaqala lo msebenzi ngemuva kokuthatha umhlalaphansi njengomhlengikazi.

“Abanye abantu batshale imali abayisebenzele kanzima ebhange ngethemba lokuthi bazothola imivuzo engcono. Manje njengoba ibhange selivaliwe, amaphupho abo ayashabalala. Bafuna imali yabo futhi lokho kufanele”.

Omunye wabatshalizimali, uJohanna Maesela, ukuqinisekisile ukuthi balivulile icala emaphoyiseni.

“Lokho sikwenze ngethemba lokuthi imali yethu izobuyiswa,” kusho uJohanna.

Owake waba yilungu lebhodi, uWatson Mabusa, uthe ngeke akwazi ukuphawula ngokuvalwa kwebhange noma ngokuthi abatshalizimali bazoyithola yini imali yabo.

Uthe: “Lolu daba lunobandlululo futhi sizovumela uphenyo ukuthi luqhubeke.”

Umtshalizimali uMeisie Mogale uthe ukuvalwa kwaleli bhange kulethe usizi kubantu bendawo.

UMeisie uthe utshale imali yakhe iebhange ngoba efuna ukusiza indodana yakhe ngemali yelobolo.

“Ngiye ebhange ngiyokhipha imali ngatshelwa ukuthi ibhange livaliwe. Ngaphatheka kabi ngasala ngingenathemba,” esho.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uBrigadier Motlafela Mojapelo ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa ase-Malipsdrift ngokubambisana nophiko lobugebengu bezentengiselwano aphenya icala lokweba.

“Imali okwabikwa ukuthi yafakwa kwi-Mathabatha Financial Services ngamalungu omphakathi angaphezu kwayi-150 kuthiwa yanyamalala ku-akhawunti,” esho.

Isikhulu esiphezulu se-South African Banking Risk Information Centre, uSusan Potgieter uxwayise amalungu esitokofela ukuthi aqaphele kakhulu.

Izihloko zakamuva