Ukuxoshwa kosomabhizinisi bakwamanye amazwe kube isibusiso emfuyweni

Everson Luhanga

Ukungqubuzana kwethimba elizibiza ngeDudula nabanikazi bezitolo bakwamanye amazwe enxanxatheleni yezitolo i-Pan Africa Mall, e-Alexandra kucekele phansi impilo yabantu abaningi.

Kodwa kube khona abawinile…. Izimbuzi ziye zathola idili likamkhipheni lemifino elahlwe kwisiphithiphithi.

Selokhu kuqale ukusebenza kweDudula ngeSonto, bexosha osomabhizinisi bakwamanye amazwe, izimbuzi ezijwayele ukuzulazula enxanxatheleni yezitolo bezinosuku oluhle kakhulu. Abanikazi bezitolo abavale amabhizinisi abo bebelokhu belahla imikhiqizo yabo emahlathini.

Njengoba isaga sase-Afrika sisho, ukuthi ukuxabana kwezimvu akuthinti izimbuzi.

Izihloko zakamuva