Ukuthola umsebenzi kulesi sikhathi sobhubhane lwe-Covid-19 kushintshe impilo yakhe

Everson Luhanga

UXoliswa Oliphant usethwale kanzima impilo yakhe yonke ezama ukuthola umsebenzi.

Uyazi ukuthi kungani ebekwe eceleni: ingoba uyisishawa.

Kulobu busika obudlule, ngesikhathi ubhubhane selukhula eNingizimu Afrika, isibhedlela iChris Hani Baragwanath sicele amavolontiya azosebenza ewadini laphethwe i-Covid.

UXoliswa wafaka isicelo.

Wacelwa ukuba asebenze njengomphathi ewadini lapho okwakungenela khona iziguli ze-Covid futhi zelashelwa khona.

“Ngangingenaso isiqiniseko sokuthi ngiyathanda yini ukusebenza kuleyo wadi,” kusho uXoliswa. “Ngaleso sikhathi isibalo sabantu ababebulawa i-Covid sasiphezulu kakhulu.”

Umama oneminyaka engama-43 wezingane ezine uthe, uyazi ukuthi leli kungaba yithuba lakhe lokugcina.

Walibamba ngezandla zombili leli thuba.

“Ngabona ukuthi uNkulunkulu wayengisizile ukuthola lo msebenzi futhi wayengeke avume ukuthi ngitheleleke noma ngishone ngenxa yegciwane. Ngathatha inselelo, ”kusho uXoliswa.

Uthi, usekhule kakhulu futhi usezuze ulwazi oluningi ngomsebenzi wakhe awenza ewadini labaphethwe i-Covid-19.

Njengamanje  ngenxa yokusebenza kwakhe kanzima, usengumphathi wewadi labakhulelwe.

UXoliswa uthe, phambilini ubesebenza njengomsebenzi wasendlini, ehlanza izindlu futhi enza noma imuphi umsebenzi ongajwayelekile awutholayo. “Kunzima kubantu abanjengami abaphila nalesi simo sesikhumba ukuthola umsebenzi.

“Abaqashi bacabanga ukuthi asikwazi ukwenza izinto ezenziwa yiwo wonke umuntu,” kusho uXoliswa.

UXoliswa uthe, useke wasebenza njengomuntu owamukela izincingo isikhathi esingaphezu konyaka. Ngesikathi elindele ukuthi usezothola isikhundla somsebenzi, wanikezwa incwadi encoma ukuthi uwuphothule ngempumelelo umsebenzi wakhe wokuhlanza kule ndawo.

“Kwangiphula inhliziyo lokho.

“Ngavele ngaphethe ngokuthi, bakwenze kimi lokhu ngoba ngiyisishawa.”

Izihloko zakamuva