Ukushintsha kwesezulu kuletha ungabazane ngemidlalo yama-Olympics

Dylan Bettencourt

Kubikwa ukuthi amazinga okushisa akhuphuka ngokushesha adale  ukungabaza ngemidlalo yama-olympics asebusika njengoba kuzoba nzima ukuthola izindawo ezifanele zalemidlalo.

Umbiko okhishwe ngempelasonto ngaphambi kokuqala kwemidlalo yase-Beijing ukhombise ukuthi kunendawo eyodwa kuphela kwezingu-21 efanele ukusingatha le midlalo.

Lolu cwaningo luphinde lwathola ukuthi amadolobha afana ne-Vancouver, i-Turin ne-Pyeongchang ngeke akwazi ukusingatha ama-olympics asebusika ekupheleni kwekhulu leminyaka.

INyuvesi yase-Waterloo, eyenze lolu cwaningo, ibike ukuthi i-Alps, esingethe ama-olympics asebusika amaningi okuhlanganisa nemidlalo yokuqala ngqa yangonyaka ka-1924, iyona indawo  abayithembayo engasingatha lemidlalo maphakathi naleli khulu leminyaka.

Samsung Galaxy 14G

Kuvezwe izimo ezimbi zeqhwa ezikhathini zakamuva nje. I-Alpine Ski World Cup e-Zagreb kule nyanga ihoxisiwe ngemuva kwemijaho engu-19 kuphela, kodwa hhayi ngaphambi kokuthi umsubathi wase-France ashayeke walimala eqakaleni.

Imidlalo yasebusika kubonakala izophazanyiswa amazinga okushisa akhuphukayo. Isilinganiso samazinga okushisa ngeminyaka yango-1920-kuyela ko-1950 ayecishe abe  ngu-0.4C, aphinde akhuphuka futhi afinyelela esilinganisweni sika-3.1C esikhathini sangonyaka wama-1960s-kuyela ku-1990s   Kodwa esikhathini samanje  izinga lokushisa elijwayelekile lisezingeni eliphakeme elingu-6.3C.

Amadolobha azosingatha kuzomele athathe izinyathelo kuqala ukuqinisekisa ukuthi imidlalo iyaqhubeka. I-Vancouver ngonyaka ka-2010 yaphendukela ekuthutheni iqhwa ngendiza enophephela emhlane. Ngonyaka ka-2014 i-Sochi yagcina amathani eqhwa kusukela ebusika bangaphambilini ukuze kuqinisekiswe ukuthi imidlalo ingenzeka.

Manje e-Beijing, iqhwa eliningi lenziwa ngamanzi, basebenzisa amalitha angu-49 ukwakha iqhwa mbumbulu.

Inkaba yedolobha yase-China iyidolobha eliswela amanzi kakhulu emhlabeni.

“Uma kungekho isinyathelo esithathwayo ukunciphisa ukuguquguquka kwesimo sezulu, izifunda eziningi kuzofanele zivalelise ezemidlalo zasebusika ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uSören Ronge, umkhankasi we-Protect Our Winters Europe.

Umthombo wesithombe: @Fortune

Scrolla World Cup Quiz