Ukushayisana kwemibono kowe-Formula 1 ne-FIA

Kamogelo Olaitan

I-Formula 1 ingeminye yemidlalo eyingozi kakhulu emhlabeni. I-Miami Grand Prix ezayo ingase iphazamiseke  ngenxa yendawo engekho ezingeni. 

Kodwa uLewis Hamilton esikhundleni salokho ugxile ezintweni ezingabalulekile zodumo icici ekhaleni lakhe noma udumo lakhe. Lo mpetha womhlaba angenza noma yini ukuwina umqhudelwano ngisho noma angazifaka engcupheni. 

I-Fédération Internationale de l’Automobile (-FIA), isishaye imithetho enqala njenge ngxenye yokugwema ukulimala kwabadlali uma kwenzeka kuba nezingozi ezifana nomlilo, isinqabele abashayeli ukuthi bagqoke ubucwebe.

Noma imuphi umshayeli ongakulandeli lokhu uzohlawuliswa noma alahlekelwe amaphuzu.

ULewis Hamilton oneminyaka engu-37 uzimisele ukulahla ubucwebe bakhe okuhlanganisa namacici akhe emqhudelwaneni wangeSonto we-Miami Grand Prix.

 Kodwa lomshayeli angeke alikhiphe icici ekhaleni lakhe. 

Futhi hhayi kulomjaho kuphela, kodwa isizini yonke. 

I-FIA imnike imvume yokungena emijahweni emibili kodwa uHamilton uthi ngeke asuse icici ekhaleni ngisho nangemijaho elandela yona.

UHamilton uze waphakamisa ukuthi angahoxa emjahweni wase-Miami ephikisana nokuvinjelwa kodwa uMengameli we-FIA uMohammed ben Sulayem uxoxe naye.

“Cha angeke ngikuyeke,” kusho uHamilton ofike esithangamini nabezindaba egqoke amawashi amathathu, izindandatho eziyisishiyagalombili, imigexo emine namacici amabili.

“Ngithola ukukhululeka lapha, futhi kohlezi kunjalo kuze kuphele unyaka.

 Izindandatho zomshado zivunyelwe futhi ngizogqoka amawashi amane ngokuzayo.”

UHamilton wengeze ngokuthi ngesikhathi bemtshela ngobucwebe bathi ukuphepha kuyikho konke.

“Kuke kwenzekani kule minyaka engu-16 edlule? Sengigqoke ubucwebe iminyaka engu-16 ngabe ukuphepha kwakungeyona inkinga ngaleso sikhathi?”

Ukukhululwa kwakhe kuphelelwa isikhathi ngomhlaka-29 kuNhlaba e-Monaco Grand Prix.

Isikhulu seqembu le-Mercedes F1 uToto Wolff uphakamise ukuthi uHamilton kanye ne-FIA bazofinyelela esivumelwaneni.

“Okudingekayo ukuxoxisana phakathi kukaLewis noMohammed.

Kuyacaca ukuthi imithetho ibekwe ngenxa yokuvikela abashayeli, kodwa ngakolunye uhlangothi sidinga ukuhlukahluka nezindlela zokuziveza, futhi siyazi ukuthi lokhu kubalulekile kuLewis,”

Izihloko zakamuva