Ukuqokwa kuma-Grammy kuyakhombisa ukuthi umculo wase-Afrika uyadlondlobala emhlabeni jikelele

Sizwe Sibiya

Kube unyaka onzima nezinkinga zobhubhane kanye nokushintsha kwesimo sezulu, kodwa kube unyaka omuhle embonini yezokuzijabulisa yase-Afrika nezihlabani zayo.

Umculo ubuphekwa futhi ulungiswa kuzwekazi wenzelwa izizukulwane, futhi manje usuthola ukunakwa okufanele.

Lokhu kubonakala ngokuthi izihlabani eziyisishagalombili zase-Afrika, okuhlanganisa nesaseMzansi, uDJ Black Coffee, ziqokwe emikhakheni eyahlukene kuma-Grammy Awards angowezi-2022.

UBlack Coffee ogamalakhe langempela uNkosinathi Maphumulo waKwaMashu eThekwini, uqokwe emkhakheni we-Best Dance/Electronic Album ohlelweni lwakhe i-Subconsciously oluphume ngoNhlolanja kulo nyaka.

Abanye abaculi abaqokiwe kubalwa abahlanu base-Nigeria, umculi uTems, umrepha uWizkid, inkakha ye-Afrobeat uFemi Kuti nendodana yakhe uMade abaqokwe nge-albhamu ethi Legacy+ kanye noBurna Boy othole indondo ye-BET oqokwe emkhakheni we-Best Global Music Performance engomeni yakhe ethi-“Do Yourself”.

Endaweni yase-Benin, umculi nomlingisikazi u-Angelique Kidjo, owawina indondo ye-Grammy amahlandla amane uqokwe emikhakheni emithathu, okungowe-Best Global Music Album neminye emibili ye-Best Global Performance Award, kwathi uRocky Dawuni wase-Ghana waqokwa emkhakheni we-Best Reggae album.

Umcimbi wezindondo ezihlonishwayo zaminyaka yonke omenyezelwe abaqokwe kuma-Grammy angowezi-2022 ngoLwesibili uke waqoka izihlabani zaseMzansi njengomculi we-Jazz ongasekho uHugh Masekela noMiriam Makeba, uJohnny Clegg ongasekho, iSoweto Gospel Choir eyawina izindondo ezimbili ngowezi-2008 kanye neqembu leLadysmith Black Mambazo eyaqokwa amahlandla ayi-18 futhi esiphumelele ukuwina izindondo ezinhlanu kusukela ngowe-1988.

Khonamanjalo, siyaqhubeka nokuhalalisela uBlack Coffee ovela embonini yezokuzijabulisa eNingizimu Afrika nakuwo wonke amagumbi omhlaba.

Imiklomelo Yaminyaka Yonke Yama-Grammy yama-64 izoba mhla zingama-31 kuMasingana ngowezi-2022 e-Staples Theatre e-Los Angeles.

Umthombo wesithombe:@BlackCoffee

Izihloko zakamuva