Ezemidlalo: Ompetha base-Afrika iBanyana Banyana kufanele bakhathazeke ngemuva kokuhlulwa imidlalo emine ilandelana kulandela umlando wabo weNdebe Yomhlaba ka-2023, kubhala uMichael Madyira.
IBanyana Banyana ihlulwe imidlalo yobungani emine ilandelana ngemuva komkhankaso wayo oyimpumelelo weNdebe Yomhlaba ka-2023.
Iqembu lilahlekelwe ngabadlali abayisikhombisa abamqoka ngesikhathi lihlulwa muva nje kodwa kumele lithuthuke ngaphambi kokuvikela isicoco sabo e-Afrika.
Ngemuva kokuqopha umlando eNdebeni yoMhlaba nyakenye, iBanyana Banyana isidonsa kanzima ngo-2024.
Iqembu lethu lesizwe labesifazane lashaqisa umhlaba wonke ngokufinyelela esigabeni sokuphuma kwiNdebe yoMhlaba okokuqala ngqa ngo-2023. Kodwa iqembu lomqeqeshi uDesiree Ellis libhekene nobunzima kulo nyaka.
Izinkinga zabo ziqale ngesikhathi i-Nigeria kuma-Olympics ka-2024. Yize bekwazile ukuzibekisela indawo ku-2025 Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon), izinto zibheda kakhulu.
Leli qembu selihlulwe emidlalweni yobungani emine emikhulu ilandelana. Njengeqembu elahlula amaqembu aphezulu ngonyaka odlule, lokhu kuhlulwa kwabo kuyakhathaza.
I-Denmark ibashaye ngo 5-0, okwalandelwa ukushawa ngo 2-1 ompetha base-Europe i-England ngoMfumfy. Ngesonto eledlule, i-Reggae Girlz yase-Jamaica iwine ngo 3-0, yaphinde yashaya iBanyana ngo 3-2 ngoLwesibili ekuseni.
Lokhu kugijima kabi kuza njengoba iBanyana ilungiselela ukuvikela isicoco sayo sase-Afrika kuWafcon ngoNtulikazi ka-2025.
Iqembu belishoda ngabadlali abamqoka kule midlalo, ikakhulukazi ngesikhathi libhekene ne-Jamaica. Izihlabani ezifana noThembi Kgatlana, uHilda Magaia, uRefiloe Jane, uJermaine Seoposenwe, uNoko Matlou, uBambabani Mbane noKarabo Dhlamini bebengekho.
Phezu kwalezi zingqinamba kodwa ukuhlulwa kusabeka isithunzi sompetha base-Africa engcupheni . U-Ellis neqembu lakhe kumele baqede lokhu kuhlulwa, nakuba bebhekene namaqembu abonakala elula ku-Wafcon okubalwa i-Tanzania, i-Mali ne-Ghana.
Esithombeni esingenhla: Abadlali beBanyana Banyana uLinda Motlhalo, u-Antonia Maponya noNoxolo Cesane bebhekene ne-Jamaica.
Umthombo: Banyana Banyana
