USifisokuhle Ntuli ongomunye wabasolwa ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa ubike ukuthi uyagula kwafaneleka ukuthi iJaji uRatha Mokgoatlheng akhiphe umyalelo wokuthi ahlolwe ngokushesha.
Kulindeleke ukuthi umbiko wezempilo kaNtuli wethulwe enkantolo ngoLwesithathu.
NgoLwesibili ummeli kaNtuli, u-Adv Zandile Mshololo utshele inkantolo ngesimo sempilo seklayenti lakhe wacela ukuthi linikwe isikhathi ukuze lithole ukwelashwa esibhedlela.
Ngesikhathi iJaji uMokgoatlheng ebuza ukuthi uNtuli uzoba khona yini ngoLwesithathu, uMshololo uthe kuzoncika embikweni kadokotela.
Isikhulu sasejele i-Leeuwkop lapho okuboshwe khona uNtuli sazise inkantolo ukuthi nakuba ijele linomtholampilo onabahlengikazi, odokotela abatholakali ngaso sonke isikhathi.
IJaji uMokgoatlheng ugcizelele ubucayi besimo.
“Angifuni ukuthi athole amakhambi ayisisekelo e-Leeuwkop. Kumele ahlolwe udokotela,” kusho ijaji.
Okwamanje udonsa odilikajele abaningi ngamacala okubulala osopolitiki KwaZulu-Natal. UNtuli ubhekene necala nabanye abasolwa okubalwa kubo uMzikawukhulelwa Sibiya, uBongani Ntanzi, uMthobisi Prince Mncube kanye noMthokoziseni Maphisa ngezinsolo zokubulala uSenzo Meyiwa owayengumdlali webhola lezinyawo weBafana Bafana kanye ne-Orlando Pirates.
Icala liyaqhubeka ngoLwesithathu.
Luhlanganiswe nguMbhali we-Staff
Esithombeni esingenhla: USifisokuhle Nkani Ntuli
Umthombo wesithombe: File
