Ukufika kuma-olympics asebusika kufana nokunqoba kubasubathi base-Afrika

Dylan Bettencourt

Ama-olympics asebusika awavamisile ukuhlotshaniswa nanoma yini yase-Afrika – futhi kufanele. Umlando wokubamba iqhaza kwabasubathi base-Afrika kule midlalo awunothile futhi azikho izindondo ezikhombisayo.

Kuma-olympics aseSouth Korea NGO-2018, kwakukhona abasubathi base-Afrika abayisishiyagalombili.

Abantu base-Afrika bavamise ukudla umhlanganiso  emqhudelwaneni yokugijima kuma-olympics asehlobo ngokuwina izindondo ezingaphezu kuka-400 kule midlalo kusukela ngo-1908 kodwa kuma-olympics asebusika awakaze awine ngisho indondo eyodwa.

Kungadingeka okuthile ukuze umuntu wase-Afrika azuze indondi kuma-olympics asebusika.

Izwekazi lase-Afrika linezinga lokushisa elilinganiselwa ku-25.7 degrees, okwenza ukuthi abe mancane kakhulu amathuba okuziqeqesha kahle. Iningi labantu base-Afrika abake bancintisana kule midlalo bashiya leli zwekazi bebancane bayohlala ezingxenyeni ezisenyakatho zomhlaba.

Phakathi kuka-1960 no-2022 amazwe angu-15 kuphela aqhudelane kuma-olympics asebusika futhi ayisikhombisa kuphela kulawo abambe iqhaza emidlalweni engaphezu kowodwa.

Umshwibi we-Alpine uMialitania Clerc, wase-Madagascar waqhudelana emidlalweni emithathu, ngo-2006, ngo-2018 nango-2022 futhi uyena yedwa owesifazane wase-Afrika obambe iqhaza kule midlalo.

USamuel Ikpefan wase-Nigeria odabuka e-France uqophe umlando ngesikhathi eba ngowokuqala wesilisa kuleliyazwe ukuqhudelana kule midlalo. Lo msubathi wase-Nigeria uqede endaweni yesi-73 kwabangu-88 emqhudelwaneni wabesilisa wokushushuluza eqhweni ngoLwesibili.

Ngesikhathi i-Afrika ingahle ingayijabuleli impumelelo kule midlalo, kusabalulekile ukuthi abantu base-Afrika babekhona kulo mqhudelwano ukuze bafakwe nokumelwa endaweni egcwele amazwe asenyakatho nenkabazwe.

Umthombo wesithombe: @BBC

Izihloko zakamuva