Ukufa kudla silaza kudle fumuka

Everson Luhanga

U-Israella Bushiri, indodakazi kaMprofethi uShepherd Bushiri eneminyaka eyisishiyagalombili, yendele kobabomkhulu.

UBushiri ozibiza ngomphrofethi, umemezele ekhasini lakhe kuFacebook ukuthi u-Israella, osekuphele amasonto ese-ICU e-Kenya ethola usizo lwezempilo, ushonile.

“Nginosizi olukhulu ukumemezela ukudlula emhlabeni kwendodakazi yami, u-Israella Bushiri,” esho.

“Njengobaba bekuyisifiso sami ukumbona ekhula futhi ekhonza iNkosi, kodwa-ke, intando kaNkulunkulu bekungukuthi abuyele kuye,” kufundeka isitatimende.

UBushiri uthe u-Israella wazalwa ngesikhathi yena nonkosikazi wakhe besenkingeni enkulu, futhi usephile impilo yakhe efakaza ukuthi kusho ukuthini ukusebenzela iNkosi, yize kunezilingo nezimpi.

“Kukho konke lokhu, wanikeza mina nomkami, kufaka phakathi lonke ibandla induduzo enkulu nokukhanyiselwa,” esho.

Uthe ngesikhathi ekhuluma nodokotela waveza ukuthi ukube akazange avinjwe esikhumulweni sezindiza okokuqala ngenkathi edinga ukuya e-Kenya ubengeke ashone.

“Kuyadumaza kakhulu ukuthi indodakazi yami isiphenduke isisulu soshushiso esibhekene nalo eNingizimu Afrika.”

Ngenyanga edlule, uhulumeni wase-Malawi wavimbela indodakazi kaBushiri, eyayihamba nezihlobo, ukuthi iye e-Kenya isuka e-Kamuzu International Airport e-Lilongwe.

Kamuva, wanikezwa imvume yokuhamba futhi ubelokhu ese-Kenya kusukela lapho.

“Sithandazile sazila ukudla futhi uNkulunkulu wangitshela ukuthi kuzoba yisonto lentando yakhe leli. Intando yakhe yenzekile,” kusho uBushiri.

Izihloko zakamuva