Ukubambela abantu ulayini ibhizinisini elisha

Wenzanjani uma udinga ukuqala ulayini wokukhokhelwa kwa-SASSA noma kwa-Home Affairs ukuthola i-dokhumenti ngehora lesithathu ekuseni – kodwa futhi udinga ukunakekela umndeni wakho noma uye emsebenzini?

Ibhizinisi laseKapa likhokhisa abahlali basemalokishini imali engama-R50 ukubabambela ulayini emahhovisi kahulumeni anolayini abade, kubika i-GroundUp.

Ibhizinisi elisha laseNyanga ngaseGugulethu nalo likhokhisa imali engama-R10 ukuhamba nabantu ngaphambi kokuntwela kokusa.

Amadoda amane aqala ibhizinisi elibizwa ngoThumamina Sikuyele.

“Besikhathele ukuhlala phansi singenzi lutho,” kusho omunye wabasunguli bebhizinisi, uBahle Ngqula.

“Ngizwile izakhamizi zikhala ngokuthi kumele zisheshe zivuke. Abantu abaningi bavakashela le minyango nsuku zonke iviki lonke ngaphandle kokusizwa ngenxa yolayini abade. Saliqala-ke ibhizinisi.”

Uzakwabo ebhizinisini uWelile Ndlambe utshele i-GroundUp ukuthi bazokhula uma bengathola amabhayisikili futhi bahlangabezane nesidingo sokwenza ulayini kwezinye izindawo njengasemabhange.

Umhlali waseGugulethu uLindiwe Patuleni uyaligunyaza leli bhizinisi.

“Sizobeseka ngoba ababambi abantu inkunzi. Ngizobasebenzisa noma nini lapho ngifuna ukuya ezindaweni ezinolayini abade,” uyasho.

Izihloko zakamuva