Ukhuza ibuya emculweni owaseNigeria 

Lubhalwe nguPrince Azeel

Isihlabani se-Afrobeats uDavido sesimemezele ukuthi sesibuyile ekwenzeni umculo ngemuva kokushona okushaqisayo kwendodana yakhe u-Ifeanyi.

Lo mculi wase-Nigeria ngoLwesithathu umemezele ukuthi uzobuyela emculweni nge-albhamu yakhe yesine, i-Timeless.

U-Ifeanyi Davido oneminyaka emithathu ubudala washona ngokuminza ngoLwezi nyakenye.

Kwi-trailer ye-albhamu umculi wase-Nigeria udalula ukuzimisela kwakhe ukunqoba ubunzima abhekene nabo:“There is a time for everything. A time to grieve and a time to heal. A time to laugh and a time to dance. A time to speak and a time for silence.”

Udaba lwakhe lusematheni selokhu ememezele lezi zindaba kanti abathandi bomculo wakhe bayazibuza ukuthi uzokwazi yini ukulingisa izingoma zakudala aziwa ngazo.

UDavido angaqopha umlando elele, kodwa ukubalwa phakathi kwabaculi abathathu abahamba phambili e-Nigeria kusho ukuthi unengcindezi yokuletha izingoma ezisezingeni eliphezulu.

I-Timeless izofaka amagama adumile okubandakanya nawamanye amazwe futhi iphinde ifake i-Afropop nama-piano njengezinhlobo zomculo ohamba phambili.

Kodwa uma kubhekwa wonke ama-albhamu akhe akamuva abanye bakholelwa ukuthi le kungaba yiyona ehamba phambili kunawo wonke aseke wawakhipha. 

UDavido ubonge wonke umuntu ome naye ngesikhathi sobunzima.

I-albhamu kungenzeka ukuthi inesihloko esithi “Stand Strong”, okuphinde kube isihloko sezingoma zakhe ezishisa izikhotha, ezihlanganisa i-Sunday Service Choir.

Izihloko zakamuva