Ukhishwe ngebheyili yemali eyi-R1000 owesilisa oboshelwe ukuhlukumeza umama wengane yakhe

Everson Luhanga

Ekuqaleni, amaphoyisa atshela isisulu kanye nomhlukumezi wakhe ukuthi bahlale egumbini elilodwa esiteshini samaphoyisa baxazulule izinkinga zabo, ngisho ubuso bakhe babubonakala buvuvukele ngenxa yokushaywa.

Ngakho-ke waletha ubufakazi obusha begobolondo lenhlamvu eyaphuma esibhamini. Lo mlisa waboshwa, okwaletha ukukhululeka kulabo abebezizwa bengaphephile ngokudedela umsolwa ukuthi ahambe phandle.

Kodwa ngoLwesine, uNtokozo Mbatha ushaywe ingozi engeqiwa ntwala ngenkathi inkantolo inika osolwa ngokumhlukumeza ibheyili yemali eyi-R1,000!

Amalungu omphakathi athukuthele ebegcwele ngaphandle eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra lapho bebebhikisha khona namabhodi abhalwe ukuthi: AYIKHO IBHEYILI EZONIKWEZWA UMHLUKUMEZI WABESIFAZANE.

Ngenkathi kuqhubeka inqubo yasenkantolo, bebenethemba lokuthi owesilisa owashaya umama wengane yakhe angeke ayithole ibheyili futhi uzohlala esitokisini aze agwetshwe ngecala lakhe.

Kodwa iMantshi imnikeze ibheyili yemali eyi-R1,000 futhi uphindele emphakathini wayohlala eduze kwesisulu sakhe.

UNtokozo obehambele ukuthethwa kwamacala enkantolo utshele i-Scrolla.Africa ukuthi inhliziyo yakhe ibe buhlungu ngesikhathi ezwa imantshi ithi uFrans Ratapa, oneminyaka engama-32, uzokhishwa ngebheyili yemali eyi-R1,000.

Umama wezingane ezimbili oneminyaka engama-21 uthe akazizwa ephephile. “Angazi noma kufanele ngicashe yini noma ngenzeni. Ngisabela impilo yami neyezingane zami,” esho.

UNtokozo uhlala endlini enamagumbi amathathu nomamncane wakhe, odadewabo abathathu, izingane zakhe ezimbili, umfowabo omncane, nabashana bakhe abathathu. Kubo bonke njengoba beyishumi udadewabo kaNtokozo kuphela osebenzayo.

Isishoshovu sezobulili uLizzie Sithole uthe uhlele iqoqo labantu elizobhikisha ngaphandle kwenkantolo ukuze lithumele umyalezo wokuthi indoda enjalo akumele ibe ngaphandle emphakathini.

“Kusidumaze kakhulu ngesikhathi sitshelwa ukuthi usephumile ngemuva kokuhlala izinsuku eziyisikhombisa kuphela ejele”.

“Kubukeka sengathi silwela into engekho njengoba izinkantolo zivumela amadoda ayingozi njengoFrans ukuthi abuyele emphakathini”.

ULizzie uthe uMengameli umemezele ukuthi udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane (i-GBV) lunjengobhubhane lwesibili, ngakho-ke “sidinga ukubhekisisa ukuthi umthetho wethu nezinkantolo zibuphatha kanjani lobu bugebengu”.

U-Isaac Mangena, umholi womphakathi e-Alexandra, ubedumele. “Silindele ukuthi umthetho uvikele izisulu, kodwa kunalokho ubuyisela abenzi bobubi kuzisulu zabo ukuthi bayobenzani, babaqedele?”

Izihloko zakamuva