Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Ukhala uyazithulisa umholi woMkhonto weSizwe Party waseBaqulusini, eZululand osola ubuholi baleli qembu ngokumlaxaza ekubeni ebehlale ekhipha izinkomo zakhe ukuba zihlatshwe emcimbini yale nhlangano kuyiwa okhethweni lwango-2024.
UMnuz Xolani Man X Dlamini wase ward-12 eVryheid, ukusho lokhu ebalisa ngemumva kokuvinjwa kwakhe kanye namanye amalunga eqembu abefuna ukuzoxoxisana nomphathi Jikelele weqembu u-Advocate Sibonelo Nomvalo emhlanganweni obuseThekwini.
“Sibenenkinga ngoba obaba uWillies Mchunu basivimbile ngoba bengafuni sikhulume noNomvalo. Lento abayenzayo ibuhlungu ngoba sebevele bafaka abantu babo ezikhundleni ukuze babenze iziMeya abazozilawula, zibanikeze amathenda uma sezikhethiwe. Okubuhlungu ukuthu bangishaya ngesithende nje ekubeni bebedla izinkomo zami ebengibaxhasa ngazo emicimbini yeqembu ngenxa yokubaqotho. Sekucacile ukuthi kwaMKP uyasetshenziswa njengefosholo bese ngemumva kwalokho bakulaxaze le,” kusho uDlamini.
Ukusho lokhu nje iMKP ibhekene nezimpi zangaphakathi, kuyaliwa kubagwa imihlangano okuthiwa kukhona abayigwamandayo bavalele abanye ngaphandle.
KwaDukuza kundize izihlalo beshayana ehholo kubangwa ukucishwa kukagesi nokuvalelwa kwamanye amalunga ngaphandle.
