Ukhala ezimathonsi ngezikhukhula ezingapheli umholi

Celani Sikhakhane

Ngemuva kokuthi izikhukhula zicekele phansi umuzi wakhe ngoMgqibelo ebusuku okwesibili kulo nyaka lowo owayengumholi we-ActionSA KwaZulu-Natal uDkt Makhosi Khoza ungene ezinkundleni zokuxhumana exoxa ngobuhlungu nokuhlukumezeka kwakhe.

Embhalweni omude kwi-akhawunti yakhe ye-Facebook uKhoza ubalule ngokudangala kwakhe lapho ebona indlu yakhe ibhidlika ngemuva kokuba eqale ukuyilungisa eveza ukuthi uselahlekelwe nayithemba lokuphila.”

“Kwesinye isikhathi siyabufihla ubuhlungu bethu. Senza sengathi konke kuhamba kahle. Ngidlula esigabeni esinzima kakhulu sempilo yami ngihlukumezeka futhi ngasetshenziswa ilabo ebengibathemba,” echaza. 

“Sengathi lokhu akwanele ngaqala ukulungisa umonakalo odalwe izikhukhula emzini wami manje sengibuyela emuva futhi.

Ngemuva kwenyanga i-KZN ihlaselwe izikhukhula ezihlasele isifundazwe ziphinde zabuya izikhukhula ngoMgqibelo zacekela phansi izindlu ezikwazile ukubalekela izikhukhula ngoMbasa kwaphinde kwabhidlika ezinye ebese zilungisiwe.

“Okwamanje angilali ngikhathazekile ngezingane zami uZama noMlando. Imvula isaqhubeka nokunetha. Ngizizwa nginge namandla njengoba  umuzi wami ugcwele amanzi.”

Ekhala ezimathonsi uKhoza utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ubona sengathi imvelo imlahlile njengoba izinkinga zakhe ziqale ngoNdasa lapho aphoqeleka ukuthi asule njengekhansela le-ActionSA eThekwini kanye noSihlalo wesikhashana weqembu e-KZN.

“Kulokhu ngibhekene nezikhukhula ezingathunyelwanga muntu ukukhungatheka nobuhlungu engibuzwayo ngiyabuza ukuthi kungani kwenzeka kimi konke lokhu?’ kusho uKhoza.

Incwadi kaKhoza iphetha ngamazwi abuhlungu:

“Angisakwazi ukubekezelela amagalelo abuhlungu ahlala engihlasela.”

“Selokhu ngashonelwa ngumyeni wami ngonyaka ka-1998 ngineminyaka engu-28 okokuqala ngqa ukuthi ngilahlekelwe isifiso sokuphila. Ngangingakaze ngicabange ukuthi ngingaphela amandla.”

Indlu yakhe isentabeni endaweni yase-Hillcrest. Yaqala ukucekelwa phansi ngamanzi anamandla ngo-2020 ngemuva kokuqhuma kwepayipi egcekeni lakhe.

Ngesikhathi kunezikhukhula ezibulale abantu abaningi ngoMbasa umuzi kaKhoza osegqumeni elisesigodini sase-Hillcrest ucekeleke phansi kanti nendawo yakhe yokubhukuda yaguguleka.

Ngemuva kokuthi iphinde yalimala kanzima ngempelasonto uthi akahlelile ukuyidayisa le ndawo, kodwa ufuna ukulungisa le ndawo ukuze agweme umonakalo odalwe izinhlekelele zemvelo esikhathini esizayo.

Njengoba isimo sezulu emhlabeni senza kube nezikhukhula ezinamandla minyaka yonke abantu abaningi baphoqeleke ukuthi bacabange kabili ngokuthenga noma ukwakha amakhaya asezingeni eliphezulu eThekwini.

Izihloko zakamuva