UKane uhlenge i-Spurs kowomkhaya

Razeen Gutta

Emdlalweni womkhaya i-Chelsea ilahle amaphuzu amabili ngamagoli amabili ashaywe uHarry Kane ngomzuzu wokugcina ngesikhathi  abaqeqeshi bekhishwa ngekhadi elibomvu enkundleni.

I-Chelsea ilawule umdlalo kusukela uqala phambi kwabalandeli base-Stamford Bridge.

I-Blues igcine u-65% webhola futhi ibibukeka iyintandokazi ngesikhathi uKalidou Koulibaly ethola igoli lakhe lokuqala eqenjini emizuzwini engu-20 nje kuphela.

Ukaputeni we-Senegal ushaye into ecokeme esizana nomdlali osanda kusayiniswa uMarc Cucurella.

I-Tottenham ibukeke ingekho efomini enhle esiwombeni sokuqala nasekuqaleni kwesiwombe sesibili, kodwa ithole inhlansi yethemba ngesikhathi uPierre Emile Hojberg eshaya igoli ngemuva kwehora.

Igoli beliyimpikiswano ngokwakha ibhola kukaHavertz okwenze ukuthi kuqubuke  ingxabano phakathi komqeqeshi we-Chelsea uThomas Tuchel nowayengumqeqeshi wayo waphambilini u-Antonio Conte.

Umsebenzi omuhle kaN’golo Kante uholele ekutheni uRaheem Sterling adlale noReece James kanti abaningi abebecabanga ukuthi nguyena ozoshaya igoli kusasele imizuzu engaphansi kwengu-15 umdlalo uphele, kodwa lo kaputeni weNgilandi ubenezinye izinhlelo.

Naphezu kokuthi ubebukeka sengathi wehlile efomini yakhe, uKane ubedinga ithuba lesibili kuphela futhi livele ngesikhathi umdlalo usozophela.

U-Ivan Perisic ukhahlele ibhola esekhoneni ngemizuzu engu-96 kanti liye lamukelwa uKane olifake enethini ukuze athole igoli lakhe lesibili.

Umdlalo uphele ngo 2-2 kodwa impikiswano iye yaqhubeka ngemuva kokuthi kukhale impempe yokugcina ngesikhathi ukuxhawulana phakathi kwabaqeqeshi kuholela ekutheni uConte noTuchel bakhishwe ngekhadi elibomvu.

Womabili la maqembu azobe engenabo abaqeqeshi uma i-Spurs idudulana ne-Wolves ekhaya nangesikhathi i-Chelsea izovakashela e-Elland Road ukuyobhekana ne-Leeds.

Umthombo wesithombe: @TheAthletic

Izihloko zakamuva