UJacob Zuma uhudulela uNelson Mandela noThabo Mbeki ecaleni lokuthengwa kwezikhali

Lungani Zungu

UJacob Zuma manje uhudulela ababengoMengameli uNelson Mandela noThabo Mbeki ecaleni lokuthengwa kwezikhali.

Lokhu kungenye futhi inkomba yokuthi lowo owayenguMengameli uzimisele ngokuhamba ibanga elingakanani ukuze aphume ejele.

Abammeli bakaZuma bazamile ukubeka uMandela, owayenguMengameli ngesikhathi izingxoxo zokuthengwa kwezikhali ziqala ngowe-1997, nePhini lakhe uMbeki, phakathi kwesivumelwano. UZuma uthi bekuyi-ANC, uMandela noMbeki abahlomula, hhayi yena.

Ochungechungeni lwezincwadi eziputshukile, abammeli bakaZuma, i-B.M Thusini Inc, babhalele i-ANC, inhlangano kaNelson Mandela nekaThabo Mbeki becela amarekhodi ezezimali neminye imibhalo ephathelene nesivumelwano sezikhali phakathi kowe-1997 nowezi-2000.

Abammeli bathe lokhu kuzokhombisa ukuthi uZuma akazange ahlomule kulesi sivumelwano sezigidigidi zamarandi sokuthengwa kwezikhali.

UZuma wayenguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho e-KZN ngaleso sikhathi, besho.

Abangakushongo nokho wukuthi uZuma ubephethe isikhundla sokuba nguSihlalo we-ANC kuzwelonke ngaleso sikhathi.

Encwadini ebhalelwe inhlangano kaMandela, uZuma uthe akuyona inhloso yakhe ukufaka igama leqhawe lomhlaba wonke jikelele endabeni yesivumelwano sokuthengwa kwezikhali.

Kodwa-ke, uthe akugwemeki njengoba elwela ukuphuma ejele.

UZuma ubhekene namacala aqhamuka kulezi zinsolo zokugwazisa akwenza enkampanini yezikhali yase-France i-Thales, phambilini eyayiyi-Thompson CFS, ngenhloso yokuvikela ukushushiswa ngokuzayo.

Waliphika icala.

Uzakwabo osephenduke isitha sikaZuma, usomabhizinisi odale impikiswano uSchabir Shaik, watholakala enecala lenkohlakalo eyayivela esivumelwaneni sokuthengwa kwezikhali.

Yize kunjalo, uZuma uthe ukuboshwa kukaShaik akusho ukuthi unecala lokwenza okubi.

Akucaci ukuthi uzokwazi yini ukuya enkantolo ngomhla ziyisishiyagalolunye kuMandulo njengoba esanda kuhlinzwa esibhedlela samasosha e-KZN kanti inhlangano yakhe ithi usadinga ukulashwa okujulile.

Ngasekuqaleni kwale nyanga, iNhlangano yakhe iJG Zuma yasabisa ngokuthi uZuma uzoveza obala izinhlangano ezivelele ezathola izinkokhelo ezinkampanini zezikhali ezithinta isivumelwano sokuthengwa kwezikhali.

Iphendula abammeli bakaZuma, i-ANC ithe yonke imibhalo yangaphambi kowezi-2005 yamosheka ngemuva kokuba ibhilidi eyayigcinwe kulo ligcwale amanzi.

Iqembu liphinde lathi alinazo izitatimende zezimali ezicwaningiwe kusukela ngonyaka we-1997 kuya kowezi-2000.

Izihloko zakamuva