Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
UMnyango Wezangaphandle eMalawi ukuqinisekisile ukuhlasela kwabantu bakwamanye amazwe eNingizimu Afrika kwaphoqa ukuthi abantu abaningi babaleke baphinde babuyiselwe emazweni abo.
Babalelwa ku-7,000 abantu baseMalawi abahlangene eSherwood Town Hall eThekwini befuna izinto zokuhamba, kusukela kwabangu-170 ngesikhathi kuqala umkhankaso ezinsukwini ezedlule.
Babalelwa ku-7 000 abantu baseMalawi abalinde ukugibela amabhasi eSherwood Town Hall eThekwini. NgoMsombuluko, kuhambe amabhasi ayisishiyagalombili ethwele abantu abangu-645. Kusele izinkulungwane.
UMnyango Wezangaphandle Nokubambisana Kwamanye Amazwe eMalawi ukuqinisekisile ngoMsombuluko ukuthi abantu abebekhoseliswe ehholo sebephumile ngenxa yalokho abakubiza ngokuthi “ukuhlasela okuqhubekayo okubhekiswe kwabokufika kwezinye izingxenye zaseNingizimu Afrika.”
UMnyango ukhiphe lesi sitatimende njengoba amabhasi okuqala ephuma.
Abantu abangu-645 abahambe ngoMsombuluko kulindeleke ukuthi bawele eMalawi ngeMwanza Border Post ngoLwesithathu ngomhlaka-17 kuNhlangulana. Basuke lapho bazoya eKamuzu Stadium eBlantyre ukuze bayohlungwa bese belungiswa ngaphambi kokudlulela ezindaweni zabo.
Ukulinda kuqale kunabantu abangaphezu kuka-170. Ezinsukwini ezimbalwa, inani lenyuke laya cishe ku-7,000. Abesifazane, izingane, asebekhulile nabagulayo baphakathi kwalabo abasalindile. Abanye besifazane abakhulelwe babelethwa belindile baphuthunyiswa esibhedlela.
Isikhulu seKhomishini ePhakeme yaseMalawi u-Mufti Sulaiman uthe izinsuku zokuqala zalolu hlelo zazinzima kakhulu, kunezikhulu ezimbili kuphela ezitholakalayo ukuphatha umthamo.
“Inhloso yethu kwikhomishana enkulu wukuqinisekisa ukuthi wonke umuntu okumele abuyiselwe ekhaya ubandawonye,” kusho uSulaiman.
“Uma nje abantu besafika, amabhasi sizowaletha size siqede lonke uhlelo, kube kanye kuphela.
Kulindeleke amanye amabhasi ehholo ngokuhamba kwesikhathi ngoMsombuluko.
Esithombeni esingenhla: Iqembu labantu baseMalawi lilungiselela uhambo lwalo lokubuyela ekhaya lisuka ehholo ledolobha laseThekwini iSherwood ngemuva kokubalekela ukuhlaselwa kwabantu bokufika
Umthombo wesithombe: Uhulumeni waseMalawi
