Izindaba zaseKZN ezifingqiwe: I-ANC ne-DA bagqeme i-IFP ingozi engeqiwantwala oPhongolo

OPhongolo: IDemocratic Alliance kuMasipala wasePhongola, enyakatho neKZN, ibambisene ne-ANC iphikisana ne-IFP ukuze kuqokwe uSomlomo. Bahlule i-IFP ngamavoti angu-18 kwathi i-IFP yathola amavoti angu-10 kuphela ngesikhathi sokuvota komkhandlu ngoLwesine. I-DA ithi ivotele i-IFP futhi isinqumo sathathwa ngokomgomo kanye nokubhekelela ukuphatha ngendlela efanele. Bathi sekukaningi i-IFP ihluleka ukuxoxisana ne-DA ngezinto ezithinta umasipala, okubalwa ukubusa, isabelomali kanye nokulethwa kwezidingo kubantu.

EThekwini: UNdunankulu waseKZN, uThami Ntuli ufuna kwehle udlame uma kubhekwana nenkinga yabokufika ngokungemthetho esifundazweni. Ugcizelele isidingo sokuthi izinhlaka ezehlukene zisebenzisane ukuze kwehle uvalo kuxoxwe ngalezi zindaba ngokuthula. “Ngaphambi kokuthi kushube ngalezi zindaba ngiqale umkhankaso obizwa ngokuthi #EngangeniNgesangoIyafohla ngenhloso yokunqanda abantu bokufika ngokungemthetho, ngaze ngavakashela amafemu ahlukene aseMandeni, eNewcastle naseThekwini, athole imiphumela emihle njengoba abokufika ngokungemthetho abebesebenza kulawo mafemu baxoshwa kwaboshwa abaqashi abebebaqasha,” kusho uNdunankulu uNtuli.

EMzinto: INkantolo yesiFunda eScottburgh igwebe uMfundo Mkhize (19),noSandile Mqadi (27) kulandela ukulahlwa ngamacala amabili okugebenga esebenzisa isihluku. UMkhize ulahlwe namacala amabili okuzama ukubamba inkunzi. La macala enzeka ngo-2024. Ngomhlaka-9 no-10 kuNdasa ka-2024, abasolwa bangena ezindlini ezimbili endaweni yaseMzinto behlomile baphuca abamangali izimpahla zabo, izinto zasendlini nomakhalekhukhwini ngaphambi kokuba babaleke endaweni yesigameko. UMkhize ugwetshwe iminyaka engu-15 ngecala ngalinye lokubamba inkunzi esebenzisa isihluku neminyaka emihlanu ecaleni ngalinye lokuzama ukubamba inkunzi. Inkantolo iyalele ukuba izingxenye ezithile zezigwebo ziphele ngesikhathi esifanayo, okuholele ekutheni agwetshwe iminyaka engu-20 ejele. UMqadi ugwetshwe iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngecala ngalinye lokubamba inkunzi esebenzisa isihluku. Lezi zigwebo ziyalelwe ukuba ziqhubeke kanye kanye, okwaholela ekutheni agwetshwe iminyaka engu-15 ejele.

Osesithombeni esingenhla: USomlomo osanda kuqokwa kuMasipala wasoPhongolo uCeliwe Nxumalo-Sibiya.

Umthombo wesithombe: Umasipala wendawo uPhongolo

Izihloko zakamuva