Uhulumeni ulwa nokwehla kwamandla emali

Kamogelo Olaitan

Enkulumweni yakhe yamasonto wonke ayethulela umphakathi, uMengameli uCyril Ramaphosa uthe uhulumeni uzokwenza konke okusemandleni akhe ukuvikela abantu baseNingizimu Afrika ezindlekweni zokuphila ezikhuphuke kakhulu.

Uveze ukuncishiswa okusanda kunwetshwa kwentela kaphethiloli njengenye yezinhlelo zokungenelela ezithulwe uhulumeni.

Wengeze ngokuthi uhulumeni weseka abalimi abathengisayo kanye nabalimi abasakhulayo futhi ufuna ukusiza abantu abaningi ukuthi balime ukudla kwabo.

“Uhlelo lwezwe lwezibonelelo zikahulumeni kanye nokulinganiswa kwezimpahla eziyisisekelo kusiza ukuvikela abampofu ezindlekweni ezikhuphukayo,” esho.

“Ngokwethu, uhulumeni uzoqhubeka nokusiqapha ngeso lokhozi isimo futhi uzokwenza konke okusemandleni akhe ukuvikela abantu baseNingizimu Afrika ekunyukeni kwezindleko zokuphila ngendlela engafanele.

Inkulumo ithi sekubiza kakhulu ukuthenga ukudla nezinye izinto ezibalulekile, ukukhokhela izidingongqangi, nokusebenzisa izithuthi zomphakathi noma ezizimele. Ngesikhathi lezi zindleko ezikhuphukayo zithinta wonke umuntu, imindeni ehola kancane iyona ethinteka kakhulu.

“Ukwehla kwamandla emali yokudla kufinyelele ku-6.2%. Ukudla okuyisisekelo kubiza ngaphezu  kunonyaka odlule, okuwukudla okufana namafutha okupheka anyuke kakhulu. Intengo kaphethiloli, ethinta cishe yonke into, inyuke ngengxenye yesithathu ezinyangeni eziyishumi nambili kuya kuNdasa kulo nyaka.”

Uveze ukuthi ukwehla komkhiqizo wezolimo ngenxa yesimo sezulu esibi njengezikhukhula nesomiso nakho kunomthelela kule nkinga.

URamaphosa ugqugquzele izinkampani zaseNingizimu Afrika ukuthi ziqinisekise ukuthi abathengi abakhokhi imali engaphezu kokudla okumele bakukhokhele.

“Siyazamukela izinkomba ezivela kubakhiqizi bokudla nabathengisi basezitolo zokuthi babeka izindlela zokusiza abathengi ukuthi bathole okwengeziwe ngemali yabo.”

UMengameli wengeze nokuthi uhulumeni uzosebenzisa imithetho yakhe yokuncintisana ukuvikela abathengi ekukhuphukeni kwentengo okungenasizathu kanye nemikhuba emelene nokuncintisana kwamabhizinisi, njengoba ayenza ngesikhathi sobhubhane lwe-Covid-19.

“Yize amanani kawoyela nesimo sezulu esibi kuyizinto esingakwazi ukuzilawula, kusekuningi esingakwenza njengohulumeni, osomabhizinisi, abasebenzi kanye nemiphakathi ukusiza abantu baseNingizimu Afrika ngalesi sikhathi esinzima.

Izihloko zakamuva