UHugo Broos uvikela iBafana ngemuva kokuhlulwa bebhekene neMexico

Lubhalwe nguDylan Bettencourt

INingizimu Afrika ihlulwe ngo-2:0 ibhekene neMexico e-Azteca Stadium emdlalweni wokuvula weNdebe yoMhlaba ye-Fifa.

Umqeqeshi uHugo Broos ugcizelele ukuthi iBafana Bafana idlale kahle ngoLwesine kodwa abalandeli bebhola abaningi bathi iNingizimu Afrika idlale kabi kakhulu.

Umqeqeshi weBafana Bafana u-Hugo Broos uthi iqembu lakhe lidlale umdlalo omuhle ngoLwesine. Lokhu kuza ngemuva kokuthi elakuleli lihlulwe ngo 2-0 yiMexico emdlalweni wokuvula.

La maqembu abedlala e-Azteca Stadium eMexico City. IMexico ihambe phambili ngesikhathi umdlali wasesiswini uSphephelo Sithole ededela ibhola ngemuva kwemizuzu eyisishiyagalolunye evumela uJulian Quinones ukuthi ashaye igoli.

URaul Jimenez ushaye igoli ngekhanda ngemuva kwekhefu okwenze iMexico yaba namagoli amabili. Unompempe ube esekhipha abadlali ababili baseNingizimu Afrika enkundleni ngesiwombe sesibili.

USithole uthole ikhadi elibomvu ngokukhuba uBrian Guiterrez. Unompempe uphinde wamkhipha uThemba Zwane ngemuva kokuthi i-VAR iveze ukuthi ushaye uRoberto Alvarado ngengalo.

“Ngicabanga ukuthi ngekhadi elibomvu lokuqala, ngeke ngisho lutho ngalo,” kusho uBroos. “Ngekhadi elibomvu lesibili ngicabanga ukuthi umdlali waseMexico udlalise umdlali wami kabi.”

UBroos uthe okubuhlungu ukuthi iqembu lakhe liqede umdlalo nabadlali abayisishiyagalolunye. Abalandeli abaningi abaneme ngoba bebona sengathi iBafana idlale kabi futhi ayizange ikhombise umfutho.

INingizimu Afrika ayizange ihlasele ngesikhathi somdlalo. Kodwa uBroos uthe iMexico ibacindezele emizuzwini engu-20 yokuqala yomdlalo.

“Ngemuva kwalokho sibe nebhola sadlala kahle. Kodwa senze amaphutha amabili ngasohlangothini lwethu,” kusho uBroos. Uthe iqembu lilahlekelwe yibhola nokunikeze iMexico isikhala sokushaya amagoli amabili.

Elakuleli lisenesikhathi sokuvuka kuGroup A lifinyelele emzuliswaneni womkhumulajezi. IBafana izodlala neCzechia e-Atlanta ngomhlaka-18 kuNhlangulana bese kuthi iSouth Korea ngomhlaka-24 eGuadalupe.

Esithombeni esingenhla: IBafana Bafana ngesikhathi ihlulwa ibhekene neMexico.

Umthombo wesithombe: @Bafa

Izihloko zakamuva