Uhlelo olusha olubonisa uxhaso olutholwa amaqembu ezombusazwe

Ibhalwe nguDaniel Steyn

I-‘My Vote Counts’ yethule uhlelo olusha elidalula ukuthi amaqembu ezombusazwe ayithola kuphi imali yawo.

Umthetho wokuxhasa ngezimali amaqembu ezepolitiki owagunyazwa ngo-2021 udinga ukuthi amaqembu ezepolitiki adalule iminikelo engaphezu kuka-R100,000. Lolu hlelo olusha elibizwa nge-‘Whose Vote Counts’ lihlose ukwenza ukuthi leyo mininingwane ifinyeleleke kubavoti, izishoshovu kanye nezintatheli.

“Ngonyaka ozayo sizongena okhethweni okungenzeka ukuthi lubaluleke kakhulu kusukela ngo-1994,” kusho umqondisi omkhulu wakwa-My Vote Counts uMinhaj Jeenah ngesikhathi kunesithangami nabezindaba ngoLwesine.

I-GroundUp ichithe isikhathi esithile ihlola lolu hlelo. Nazi izinto ezintathu ezibalulekile:

Inkampani yezimayini esebenzisana ne-Russia ingumxhasi omkhulu we-ANC

I-United Manganese of the Kalahari (UMK) yakhokhela i-ANC u-R30-million eminyakeni emibili edlule okwenza kube ngaphezu kuka-27% wemali edalulwe iqembu.

I-UMK iyimayini yeminerali esetshenziselwa ukwenza insimbi e-Northern Cape futhi iphethwe i-oligarch yase-Russia. Inkampani yezokuthuthukisa esebenzisana ne-UMK, i-Majestic Silver Trading yakhokha i-ANC u-R2.5-million ngo-2021.

Inkampani yokutshalwa kwezimali i-Chancellor House okuwuphiko lokutshalwa kwezimali kwi-ANC nayo iphethe ucezu oluthile kwa-UMK.

Izimayini namandla kwenza ngaphezu kuka-40% wezimali ezimenyezelwe – ikakhulukazi kwi-ANC

Abaxhasi bezepolitiki abaxhumanisa izimayini okubalwa kuzo eyakwa-UMK kanye noPatrice Motsepe, i-Botho Botho Commercial Enterprises kanye ne-African Rainbow Minerals. Isamba sika-R61-million saphume kubaxhasi
abaxhumene nezimayini siya emaqenjini ezepolitiki eminyakeni emibili edlule.

I-ANC ithole u-R52.5-million woxhaso oluhlobene nogesi oluvela e-Chancellor House kanye ne-Batho Batho Trust enamasheya amaningi enkampanini yakwa-Shell esebenzisana ne-Thebe Investment Corporation.

Iminikelo evela kubantu abambalwa abacebile yenza izingxenyana ezinkulu zoxhaso lweqembu.

Izinkampani zikasozimali wakuleli ongumnikazi wezimayini uPatrice Motsepe zinikela ezinhlakeni ezahlukene kanti ingxenye enkulu yeminikelo kaMotsepe iya ku-ANC. UMotsepe nezinkampani zakhe banikela ngo-R29-million emaqenjini ezepolitiki eminyakeni emibili edlule.

Amalungu omndeni wakwa-Oppenheimer ahlomule ngezinkampani zezimayini i-De Beers ne-Anglo American zanikeza i-DA u-R17-million zanika i-ActionSA u-R26-million eminyakeni emibili edlule.

Isikhulu sokugembula ku-inthanethi uMartin Moshal sanikeza i-DA u-R30-million sanika i-ActionSA u-R14.5-million eminyakeni emibili edlule.

Lesi sihloko sishicilelwa okokuqala ku-GroundUp futhi sihlelwe kabusha ukuze sisetshenziswe i-Scrolla.Africa.

Izihloko zakamuva