Uhlalele ovalweni umphakathi ohlukunyezwa izigebengu

Buziwe Nocuze

Umphakathi osuhlala uthukile wase-Lower Crossroads e-Philippi East eKapa usuzakhele isikhathi okumele uzivalele ngaso ezindlini njengemizamo yokuzivikela ebugebengwini obunodlame.

Lezi zakhamizi zizivalela ezindlini ngehora lesithupha ntambama njalo ebusuku ngoba zithi aziphephile uma zingaphandle kwemizi yazo.

Umphakathi usola ukuthi izigebengu ezihlala zihlomile ziyama zibheke izimoto okuhlanganisa namatekisi adlula kule ndawo ukuze zibone ukuthi yini ezingayintshontsha.

Uma bengatholi lutho abangakuntshontsha bashaya izisulu zabo.

Isakhamuzi uMandla Sabebana utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umphakathi ube nomhlangano epaki yendawo mayelana nokuthi zingavinjwa kanjani izigebengu.

“Kunzima ukubhekana nomuntu ophethe isibhamu, besinomhlangano kuleya paki futhi siyasola ukuthi bebesibhekile.”

Bavumelene ngesikhathi esisodwa sokuzivalela ezindlini okuyihora lesithupha ntambama. 

Ngemuva kokuqeda umhlangano bavakashelwe izigebengu zibatshela ukuthi banake izindaba zabo.

UNolusindiso Gase uthe ulahlekelwe izimpahla zakhe ezibalulekile ezebiwe

“Bengingaphakathi kwi-Avanza ngesikhathi abafana abathathu, abaneminyaka ephakathi kuka-14 no-15 bema phakathi nomgwaqo basikhomba ngezibhamu.”

Umshayeli bekungekho angakwenza ngaphandle kokuma. Ziqhamuke zigijima izigebengu zavula iminyango zathatha izimpahla zawo wonke umuntu ngisho nezomshayeli.

Kodwa uGase ubesabela impilo yakhe ngaphezu kwezimpahla.

“Basabise bathi uma singabaniki abakufunayo bazosebenzisa izibhamu. Ngakho-ke sibavumelile benza abakufunayo.”

Futhi ngemuva kokuba izigebengu ziqede zixwayise izisulu ukuthi uma bephinde bebabona zizophinda okufanayo.

UGase uthe badinga ukubonakala kwamaphoyisa eduze kwepaki.

“Ilapho okubanjwa khona abantu. 

Kwesinye isikhathi bamisa ama-Avanza amahlanu elandelana. Ungafunga ukuthi kune-toll gate la,” kusho uGase.

Okhulumela uMkhandlu wezokuPhepha koMthetho wedolobha uWayne Dyason uthe bayazama ukubunqanda ubugebengu.

Umphathi siteshi wase-Philippi East uColonel Mzwabantu Jada uthe into ezosiza ukuqeda ubugebengu ukusebenzisana nomphakathi.

“Okwamanje ngeke sikwazi ukuthi kube nemoto ezizomiswa khona kumele izakhamuzi zibike ngakho konke okwenzeka endaweni yazo,” kusho uJada.

Isithombe eesingenhla ngesendawo i-Lower Crossroads Philippi East

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva