Ugwetshwe odilikajele ababili ngecala lokubulala

Sandiso Phaliso

Owesilisa osole “umuthi wentando” ngokuthi yiwo omenze wabulala owayeyintombi yakhe nomama wayo ugwetshwe odilikajele ababili ngoLwesibili.

UMoshoeshoe Falatsa, odabuka e-Lesotho, ulivumile icala lokubulala uNthati nomama wakhe uPulane Lanto ngomhlaka-29 kuMfumfu ngo-2020 emzini wabo ngemuva kwengxabano eshubile.

Echaza kwisicelo sakhe, uFalatsa uvumile ukuthi yena noNthati  babenobudlelwano obuqinile obuhambisana nokulwa. Lokhu kwaholela ekutheni uNthati ashiye umuzi wabo osesigodini sase-Tienbank e-Sterkspruit waya e-Ceres e-Western Cape.

Uthe nakuba ubudlelwano babo bebungalungiseki, wayelokhu ezama ukubuyelana noNthati ngenxa yomuthi wentando, umuthi ongaqondakali awunikwa uNthati.

Akuqondakali ukuthi uNthati wawuthathaphi lo muthi nokuthi wawuquketheni.

Okhulumela i-National Prosecuting Authority (i-NPA) uLuxolo Tyali uthe uFalatsa uthe wayelokhu exhumana noNthati ngocingo ngesikhathi ese-Ceres waze wamazisa esokeni lakhe elisha.

“Ngesikhathi ebuya, uFalatsa, othi wathakathwa ‘ngomuthi wentando’ awunikwa nguNthati, ubesafuna balungise izinto ebudlelwaneni babo.

Ngelanga lesigameko laba bobabili bahlangana kwaNthati babonisana ngobudlelwano babo kodwa bagcina sebexabana.

“UFalatsa usola ukuthi unina wentombi yakhe wangenelela wamthuka yize ayemlekelela yena nezinye izingane zakhe ngezimali. UFalatsa waphuma endlini kaNthati ethukuthele egane unwabu kodwa wabuya ngalobo busuku wavula iwindi wabagwaza bashona bobabili,” kusho uTyali.

UFalatsa wabe esebaleka kulesi sigodi wachitha ubusuku bangalelo langa ensimini. Waboshwa ngemuva kokuthi umngani wakhe emncenga ukuthi azinikele emaphoyiseni.

Izihloko zakamuva