Ugogo uyabonga ngokuthola imali yakhe yesibonelelo

Mkhuseli Sizani

UGogo uNontuthuzelo Handile wase-Gqeberha (phambilini ebibizwa nge-Port Elizabeth) ubonga abakwa-Scrolla.Africa ngokuqinisekisa ukuthi uyayithola imali yesibonelelo sakwa-Sassa.

Ngenkathi ugogo eya eposini lase-Kenako mhla zi-3 kuNhlolanja, izisebenzi zamtshela ukuthi imali yakhe ikhishwe ebhange lakwa-FNB. Kodwa ugogo, ohlala elokishini laKwaZakhele, usebenzisa kuphela iminwe yakhe futhi akakaze asebenzise ibhange.

Izikhulu zithi ugogo wakhwabaniselwa isibonelelo sakhe – okubalwa nemixhaso emithathu yokunakekela abazukulu okuyisamba sezi-R5,000 – ngesikhathi enza kabusha iphini.

Kodwa ngoLwesine, ugogo uthole imali engaphezu kwaleyo.

“Bengingalali ebusuku futhi abazukulu bami bebenqena ukuya esikoleni ngaphandle kokuphatha isidlo sasemini. Babelokhu bebuza ukuthi, uma sebebuyela esikoleni kuzoba khona yini ukudla okwanele bona. Lowo mbuzo wawufana nobuhlungu obubukhali enhliziyweni yami,” esho.

“Ngahlanza izinsuku ezintathu zilandelana futhi ngangiphethwe yisisu. Nganginengcindezi enkulu,” esho.

UGogo uthe, ngaphandle kwabakwa-Scrolla.Africa ubengeke ayithole imali yakhe.

“Ngesikhathi ngitshela intatheli yakhona ngenkinga yami, izikhulu zangifonela. Zangithatha zangiyisa eposini lapho ngacelwa ukuba ngigcwalise amafomu.

“NgoLwesine ngibone kungena imali engangezi-R9,700 kwi-akhawunti yami. Angazi ukuthi enye imali ivelaphi. Ngicabanga ukuthi ivela kwiskhwama semali ye-Covid-19 engingakaze ngiyithole,” kusho ugogo.

“Ngaphandle kwentatheli kanye nokhokho bami ngabe sengifile manje ngenxa yendlala nengcindezi.”

UTommy van Rooyen, oyimenenja yesiFunda iSarah Baartman we-Sapo, uthe: “Ngiyajabula ukuthi usizakele. Kodwa anginalo ilungelo lesinqumo esithathwa yiPosi.”

Izihloko zakamuva