Ugeqa amagula owasinda kumdlwenguli

Moyahabo Mabeba

UKedibone Segwale wadlwengulwa futhi wacishe wabulawa ngumdlwenguli ongumbulali owaziwa ngelikaThemba Dube, kodwa wakwazi ukubaleka njengoba esexoxa indaba yobunzima abhekana nabo obushintshe impilo yakhe.

UKedibone wadlwengulwa uThemba emkhombe ngommese ngomhlaka-12 kuMfumfu nyakenye  ehlathini elingaphandle kwase-Polokwane.

Uchaze uThemba, odabuka e-Zimbabwe, njengomuntu owayebonakala engumuntu olungile kwaze kwaba yilapho ezikhombisa khona ukuthi unjani-ukuthi isilwane esiyingozi.

UKedibone uthe uThemba wayekhuluma kahle ngesikhathi emthembisa umsebenzi kodwa ngokuhamba kwesikhathi waphenduka waba isilwane.

“Ngesikhathi efika kimi engitshela ukuthi kunomndeni ofuna umsizi wasendlini angizange ngicabange kabili ngoba bengingasebenzi,” esho.

“Wangitshela ukuthi ngigqoke isiketi eside ngoba abaqashi ngeke bahlabeke umxhwele uma ngigqoke isiketi esifushane”.

Wayehamba phambili emahlathini emtshela ukuthi iyona ndlela emfishane kodwa bagcina besendaweni ethusayo. Ngesikhathi emtshela ukuthi ukhathele futhi akakwazi ukuqhubeka wathukuthela wabe esehosha ummese.

Wabe esemtshela ukuthi akhumule.

“Wangiphushela phansi wangidlwengula ephethe ummese. Eseqedile  wangiyalela ukuthi ngihlale phansi ngoba akakaqedi. Ngamtshela ukuthi umhlane wami ubuhlungu ngenxa yendawo emahhadlahhadla wase engisongela ngokungigwaza”.

UKedibone wasukuma wacosha itshe nenduku, kodwa umdlwenguli wamtshela ukuthi ubulale umuntu ezinsukwini ezimbalwa ezedlule endaweni efanayo futhi uzokwenza okufanayo nakuye. Kodwa uKedibone wayengazimisele ngokuyeka ukulwela impilo yakhe.

“Ngamshaya, ngambhaxabula ngenduku ngamjikijela ngetshe. Yilapho anyamalala khona ehlathini ngabaleka endaweni yesigameko.”

UKedibone uthe  uThemba wabaleka nomakhalekhukhwini  nomazisi wakhe.

Umsolwa ugqunywe ejele futhi ulindele usuku lwakhe lokuqulwa kwecala.

UKedibone uthe lesi sigameko simhlukumeze kakhulu futhi usasikhumbula njengoba sinjalo.

Yize lesi sigameko senzeke ezinyangeni ezedlule, uthe iphunga lomsolwa lisalokhu likhona emzimbeni wakhe.

Izihloko zakamuva