Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UMkhuzi wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uLeautenant Generala Nhlanhla Mkhwanazi uthi ayikho imashi yokuxosha abokufika abangenamaphepha abazoyivimba ngomhlaka-30 kodwa bazoyikhotha imbenge yomile abazokwenza ubugebengu ngalolo suku.
UMkhwanazi ukusho lokhu ekhuluma emhlanganweni obuphakathi kwamaPhoyisa ,Iso leSilo inkosi uMalusi Zondi Kanye noPhakelumthakathi Ndabandaba obusebusuku ngoLwesine ekomkhulu lamaPhoyisa eThekwini.
UMkhwanazi uthe nabo bengamaPhoyisa bayafuna abokufika kuleli abangenamaphepha bahambe nokwenza bababophe uma bebathola kodwa abangahambisani nakho izenzo zobugebengu zokuthi bashawe babulawe.
“SingamaPhoyisa sisebenza kanzima ukubopha abantu bokufika kuleli abangenawo amaphepha ngoba ukubakhona kwabo ezweni ngokungemtetho kungubugebengu lokho.
Esingahambisani nakho ukuthi bashawe babulawe ngoba lokho sekungubugebengu futhi abenza lokho nabo sizobabopha. Esikucelayo kini nonke ngomhlaka-30 ukuba niqhubeke nimashe ngokuthula kodwa ningacekeli impahla phansi ngoba lokho kuyosho ukuthi senilimaza inqalasizinda esiza umphakathi. Amaphoyisa azobe enkanise nxa zonke ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi wonke umuntu uphephile hhayi ngoba ezovimba imashi. labo abazobe bemasha ngaphandle kodlame sithi abakhululeke bagcwale ubhavu ngoba sizobe sinabo sibaqaphile ukuthi baphephile nabo,” kusho uMkhwanazi.
Lo mhlangano ubuzoqinisekisa ukuphepha kwesifundazwe njengoba kubhekwe kulo mbhikisho ongundabuzekwayo kanti inhloso ukuthi amaphoyisa azobe egade ngelokhozi zonke izindawo ukuze kungabibikho ukuganga nokweba.
UPhakelumthakathi obemele inhlangano iNsizwa nobuNsizwabayo uthembisile emaphoyiseni ukuthi akekho ozozibandakanya nodlame, wathi yonke imibhiikisho ababanayo eyokuzwakalisa izikhalo ngabokufka kuleli abangenamaphepha abagcina sebenza ubugebengu kodwa bayenza ngokuthula hhayi ukuba imidlwembe.
“Okunye siyafisa abantu bakuqonde ukuthi asinayo inzondo nabafowethu nodadewethu abasuka kwamanye amazwe kodwa esingakufuni ukuth kubenabantu abangena ezweni ngokungemthetho ngoba yibo laba abagcina sebesidalela izinkinga,” kusho uPhakelumthakathi.
Lo mhlangano ubanjwe ebusuku ngemumva komunye obusemini wokubhunga ngenkinga yokuthutheleka kwabantu abangenamaphepha besuka kwamanye amazwe bengena emingceleni yakuleli nobuseThekwini ubizwe uNdunankulu waseKZN, uMnuz Thami Ntuli.
