Udonsa kanzima ejele umdlali osolwa ngelokudlwengula

Lowo owayeyisihlabani sebhola uDani Alves kuthiwa ubhekene nobunzima ejele njengoba elinde isinqumo secala lakhe lokudlwengula eliqale ekuqaleni kwale nyanga e-Barcelona.

Icala liqale ngezinsolo zowesifazane othi wadlwengulwa u-Alves endlini yangasese yendawo yokucima ukoma ngomhlaka-30 kuZibandlela ngo-2022. Abashushisi bafuna isigwebo seminyaka eyisishiyagalolunye ngezinsolo zokuhlukumeza ngokocansi ezenzeka e-endaweni yobumnandi eBarcelona.

Isiboshwa esihleli nalo mdlali ejele, siveze ukuthi u-Alves ubhekene nenkinga yesimo sengqondo.

“Unengcindezi futhi udangele,” kusho isiboshwa sichaza ukwesekwa u-Alves akuthola kubasebenzi basejele.

Icala elihlanganisa nobufakazi bofakazi abangu-28, okuhlanganisa isisulu kanye nonkosikazi ka-Alves uJoana Sanz, eliqale ukuqulwa kusukela ngomhlaka-5 kuNhlolanja kuya kumhlaka-7 kuNhlolanja.

U-Alves ubelokhu ethi umsulwa, ecela ukukhululwa noma, uma elahlwa yicala ucele banciphise isigwebo aphinde anxephezele isisulu.

Ukuzivikela kuka-Alves kuncike empikiswaneni yokuthi ukuya ocansini bobabili babevumelene yini, okuyinto aphinda wayiveza ngesikhathi evela enkantolo okokugcina.

Uphike izinsolo zobudlova wathi, “Angisilo uhlobo lwaloyo muntu wesilisa angiyena umuntu onodlame.”

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe ngenhla: UDani Alves enkantolo.

Umthombo wesithombe: Ifayela

Izihloko zakamuva