Udokotela waseNigeria uphakathi nentuthuko yokwakha umuthi wokugoma i-Covid

Omunye wabenze lo mgomo we-Covid-19 ngowase-Nigeria, uDkt Onyema Ogbuagu.

UOgbuagu ungumcwaningi ohola phambili e-Pfizer eMelika okuyinkampani eyenza imithi, okuthe emasontweni amabili edlule imemezele ukuthi isungule umuthi wokugoma wokuqala wokulwa ne-Covid ongavimbela abantu abangaphezu kwamaphesenti angama-90 ukuthi bangenwe yileli gciwane.

Umuthi wokugoma uhlolwe kubantu abayizi-43 500 emazweni ayisithupha futhi akukho ukukhathazeka okuphathelene nezokuphepha okuvelile. I-Pfizer ithe, izokwazi ukuhlinzeka ngemithamo eyizigidi ezingama-50 ngasekupheleni kowezi-2020, ebese futhi ikhipha cishe izigidi zezigidi ezi-1,3 ngasekupheleni kowezi-2021.

UOgbuagu, ongusolwazi kwezokwelapha kanye nomqondisi wezivivinyo zokwelashwa isandulela ngculazi e-Yale School of Medicine uthe, lo muthi uzoba “ukuqala kokuphela kobhubhane”.

Ithemba lokulandela i-Pfizer nenkampani ebambisene nayo i-BioNTech’s American-German breakthrough yathuthuka ngesikathi enye yezinkampani, i-Moderna imemezela ukuthi izivivinyo zayo zibonakala ziphumelela ngokulinganayo.

Kuzona zombili lezi zimo kukhombisa inqubekela phambili enkulu kwezesayensi eminyakeni eyishumi ngokwakha umuthi wokugoma oyingqayizivele.

UOgbuagu uvela emndenini ophumelele ngokweqile. Ubaba wakhe uChibuzo Ogbuagu wayeyiphini likashansela wase-Abia State University, nonina uStella Ogbuagu unguprofesa wezenhlalo. Iwele lakhe lingunjiniyela.

UOgbuagu ubambe iqhaza elibonakalayo emsebenzini wokwelashwa eAfrika futhi usezandleni zohlelo lwezempilo e-Rwanda.

Isithombe: @DrOnyemaOgbuagu

Izihloko zakamuva