UDladla Mshunqisi noDJ Cyndo baphule umyalelo we-ANC njengoba bezonandisa kwi-DA

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Abaculi baseKZN uDladla Mshunqisi benoDJ Cyndo abayingeni indaba yokusatshiswa uKhongolose njengoba bezonandisa embuthanweni we-DA wenyanga yabantu abasha.

Laba baculi babonakale begcwele kuwonawonke amaphosta eDA okukhangisa umbuthano ozoba ngomhlaka-16 kuNhlangulana nozobase-Olive Convention Centre, eThekwini.

Lo mcimbi uzohanjelwa uMholi weqembu uMnuz Geordin Hill-Lewis kanye nabaholi besiFundazwe beholwa uMnuz Sithembiso Ngema.

Laba baculi bakwenza lokhu nje kuthe emasontweni edlule uKhongolose eKZN wakubeka kwacaca ukuthi uKhotha eyiKhothayo umakuziwa ekuqashweni kwabo nalabo abasebenze nabo ngisho ezikhathini ezinzima.

UPhuzekhemisi Mnyandu oyinkakha kwezomculo uthe akukwazi ukuthi uKhongolose ungabanqumela ukuthi kumele banandise kuphi ngoba kungumsebenzi abondla ngawo izingane zabo ukuqashwa noma ngabe imaphi amaqembu ezepolitiki.

UMnuz Mike Mabuyakhulu wesigungu sesikhashana ku-ANC eKZN, uthe akukwazi ukuthi sebengasebenza nabantu abebengekho nabo nasebunzimeni.

“Phela ikhotha eyikhothayo. Ngakho kungabuhlungu uma sesibonakala nabantu abebengasebenzi nathi. Kuzona zonke izinto esizikhulumile, kumele sisebenze nabantu abebenathi,” kusho uMabiyakhulu.

UJoy Mbewana omele amaciko eKZN uthe noma kunjalo kodwa i-ANC ayibakhokhele uma beqashiwe .

“Uyabona nje uma siqashelwe ukuphosta ngenhlangano kuhle ukuba sikhokhelwe ngalowo msebenzi. Uyabona nje ukwenza isibonelo uma kuthiwa niqasha nangu ubaba uPhuzekhemisi ukuba aphoste izinto zeqembu njengoba enenqwaba yabalandeli. Kumele akhokhelwe ngalokho,” usho kanje.

Kuvela lokhu nje i-ANC bekunokukhala kwamanye amaciko ukuthi kuyenzeka ingakhokhi noma uma kwenzekile ikhokha sekudlule isikhathi uma kuqhathaniswa namanye amaqembu.

Abanye bathi kwesinye isikhathi ugcina unandisa mahhala ngoba unethemba lokuthi uzoqashwa emicimbini kaHulumeni.
Njengamanje i-ANC ithwele kanzima njengoba isele neminyango emithathu nje kuphela kuHulumeni ngenxa yokulahlekelwa amavoti angonyaka ka-2024.
Ngesikhathi isaphethe uHulumeni ngokugcwele abaculi bebesaba ukunandisa kwamanye amaqembu.

UDebra Fraser wakewagila izimanga eqashwe emcimbini weCope owawuseFree State.

Wathi uma efika kuwo wabona ukuthi kanti imcimbi wenhlangano , wacasuka akangavuma nokuphuma emotweni wabuyela emumva njengoba ayephumele obala ethi unandisa emicimbini kaKhongolose kuphela .
UMalusi Mbokazi uma eqashwe emicimbini ye-IFP, wayevele acashe, bese evumbuka uma eseyongena esteji.

Ngisho imoto wayeyifihla njengoba wakwenza lokho komunye umcimbi wenyanga yabesifazane owawuseManzimtoti.
UDJ Tira yena wayengayivumeli iBig Nuz ukuba iyonandisa kweminye imicimbi yamanye amaqembu.
Kukhona lapho okuthiwa wabuyisela imali engu-R60 000 ayeqashwe ngayo ukuba alethe iBig Nuz eNkandla.

Izihloko zakamuva