UDkt uThomas Chauke noSho Madjozi basematheni ngevidiyo yomculo yengoma ethi-Shahumba

Sizwe Sibiya

USho Madjozi oyintandokazi yase-Limpopo kanye noyiqhawe endimeni yomculo uDkt uThomas Chauke, benze ividiyo yomculo eshisa izikhotha yengoma ethi “Shahumba”.

Ividiyo yomculo, ekhishwe nguMadjozi ekuqaleni kwenyanga, ixoxa udaba lokuthi laba baculi ababili abaqhamuka esifundazweni esisodwa baqala kanjani ukwenza umculo.

UDkt uChauke oneminyaka engama-69 ube nomthelela omkhulu endimeni yomculo wesintu wase-Afrika. Ohambweni lwakhe waklonyeliswa ngeziqu ze-Honorary Doctor of Philosophy ngezilimi zase-Afrika azithola eNyuvesi yase-Venda.

UMadjozi, uveze ukuthi ubukule kuyena, ingakho ebone kufanele ukuthi lomakadebona womculo wase-Saselamani edlala umucu we-siTsonga kulengoma ethatha imizuzu engu-3:39 kwi-albhamu kaMadjozi ethi-What A Life eyakhishwa ngasekupheleni konyaka odlule.

“I-Shahumba imayelana nohambo lwethu, njengabaculi ababili abavela emaphandleni ase-Limpopo abakwazile ukufeza amaphupho abo yize bekunezinselelo,” kusho uMadjozi othathe imisindo ye-Xitsonga wayiwelisa yasabalala naphesheya kwezilwandle, njengoba nje noDkt uChauke anqoba ama-SAMA amahlandla ayi-16.

Kusukela ngasekiqaleni kwayo, levidiyo ikhombisa ukuthi ubaba uxhumana kanjani nendodakazi yakhe ngomculo.

Futhi kule vidiyo, uMadjozi ubonakala eshiyelana inkundla noDkt uChauke.

Umqondisi wevidiyo uWolf uphetha levidiyo yomculo egqamile ngeziqeshana zalomculi wengoma eyashisa izikhotha ethi-John Cena edansa umdanso wesintu we-Xibelani.

Ngale ngoma, uMadjozi ukhombisile ukuthi akayena umculi okhipha ingoma eyodwa ecokeme bese enyamalala. Kanti futhi noDkt uChauke ukhombisile ukuthi usakwazi ukwenza izinto zenzeke, ephendula yonke ingoma ayithintayo ibe ngehamba phambili.

Umthombo wevidiyo: i-YouTube

Izihloko zakamuva